Izimbangi zaseNingizimu Afrika ku-Round 16 ku-Africa Cup of Nations eqhubekayo e-Ivory Coast seziqinisekisiwe ngemuva kokuthi u-Group F esonge imidlalo yawo yokugcina ngoLwesithathu kusihlwa.
IBafana Bafana iqede ilele isibili kuGroup E idlula iNamibia neTunisia kwathi indawo yokuqala eqoqweni yathathwa yizwe laseMali.
Ngemuva kokunqoba kweMorocco kwiZambia kanye nokudlala ngokulingana kweDR Congo neTanzania, sekuthathwe isinqumo sokuthi iNingizimu Afrika izobhekana nobani emzuliswaneni olandelayo.
IMorocco ithole iwini eyifanele ngo 1-0 ishaya iZambia khona izolo. I-Atlas Lions iqede inamaphuzu ayisikhombisa kuGroup F ngaphambi kweCongo DR, ngokusho kweCAF Online.
IZambia neTanzania aphuthelwe indawo emzuliswaneni olandelayo njengoba womabili amaqembu aqede esele ngamaphuzu amabili. Lo mphumela usize nezwe elisingethe imidlalo, i-Ivory Coast, lakwazi ukungena emzuliswaneni olandelayo.
Umdlalo wokugcina phakathi kwala maqembu womabili uphele ngo 2-1 kunqoba iBafana Bafana ochungechungeni lokuhlungela i-Afcon.
Umdlalo uhlelelwe uLwesibili, Januwari 30, eLaurent Pokou Stadium, eSan Pedro. Ozonqoba kulo mdlalo uzobhekana neCape Verde noma iMauritania ku-last 8