Sekuqubuke impikiswano mayelana nevideo ekhombisa lowo owayengumsakazi woKhozi FM nobuye azibize ngenkosi yamabhinca uNgizwe Mchunu ephazanysiswa ethula inkulumo.
KuleVideo kubonakala uMchunu ethula inkulumo phambi kwesithangami sabezindaba nokuthi emva kwemizuzwana nje bese kutheleka abalisa abafike bawisa itafula abehleli phambi kwalo kwaphazeka phansi yonke imibhobho ebibekwe phambi kwakhe. laba balisa babuye beonakale bephethe okusamshiza bekhomba ngakho uMchunu emva kokuba kubonakala engathi kukhona amashaya ngempama.
Levideo isuse impikiswano enkulu enkundleni yokuxhumana uFacebook abanye bethi levideo ihleliwe ukuze kubonakale engathi uNgizwe uyahlaselwa.
Omunye umusebenzisi walenkundla uCharllote Shabalala bhale kanje,”These people are actors, I think that slapping scene was staged “
Kanti abanye basole amalungu e-EFF ngokuthi yiwona ahlasele uNgizwe. Uzokhumbula uMchunu unyama nambana kubalandeli baleliqembu emva kokuthi ephumele obala wathi ozokwenza konke okusemandleni okuvimba ukuthi uMalema ethule iManifesto yaleliqembu eThekwini.
UNgizwe ubengakaphawuli ngalokhu kanti ne-EFF ibingakasho lutho.