Zilokhu ziqhamukile izincomo ngokwenza kahle kothisha abasebancane kwimphumela ka 2023.
UNoxolo Hadebe odabuka eBergville eStulwane ofundisa eMpumalanga eWitbank esikoleni iKopanonong ungomunye wabakhiqize u100% kunyaka wakhe wokuqala efundisa isifundo se Accounting.
Iphephandaba lithole ithuba laxoxisana noNoxolo usilandise wathi ” Bekungunyaka wami wokuqala ngifundisa, ngangithukile kakhulu ngizwa kuthiwa ngizofundisa no Grade 12 yize ngangiwazi umsebenzi wami kodwa ngilokhu nginawo lombuzo wokuthi engabe labantwana bayangizwa na, into ebingidla kakhulu kube ngukuthi ngifike lesiskole senzakahle ngakho kuzomele ngiqhubeke nokwenzakahle” .
Sibuza ngendlela ayisebenzisayo njengoba efundisa ama 2k naye eli 2k uMaHadebe uthi ucabanga ukuthi kulula kakhulu ngoba bayazwana kakhulu nabafundi bakhe bathathana njengabangani okwenza baqonde kalula nakuba beyazi imincele yabo ukuthi bahamba bagcinephi ngakhoke kumnandi kakhulu.
UNoxolo uqede isikole ngo 2021 wayefunda eUFS.