Badunguza ebumyameni abazali nomphakathi wasendaweni yase Emmause ngabantwana abebefunda eBambazi High School eBergville , lokhu kuza ngemuva kokuthi kuphume imiphumela yabafundi ekhomba ukuthi kwabhala abantwana abathathu kwabe sekuphasa bona abathathu nokuholele ekutheni uma kukhishwa uhlu lwezikole nezibalo zazo siphume njengesinye esithole u100% kunyaka ka 2023.
Ngokusho kwabazali nabafundi bathi isibalo sabantwana besibgu 116 abebefunda ibanga leshumi kulesi sikole akusona lesi sabathathu esibhalwe lapha nokwenza badideke ukuba kanti kwenzekeni ngalaba abantwana abangaveli.
Lesi sikole kusolwa ukuthi siyingesinye salezi ezatholakale kunabantwana abakopela kulesi sifundazwe njengoba ngokwebibiko kuke kwavela ukuthi iKwaZulu-Natal ihambe phambili ngokukopela nyakenye ngakhoke umnyango usenophenyo oluqhubayo.
Iphephandaba lizamile ukuthola uThishanhloko walesi sikole uMnu Thandiwe Makhoba nowale waphetha ukuphawula ngaloludaba wakhala ngokuthi intatheli isebenzise ucingo lwayo lukamakhalekhukhwini esikhundleni socingo lwasehhovisi.
BADIDEKILE ABAZALI KUPHASA ABATHATHU NGO 100% EBAMBAZI HIGH SCHOOL.