Umhlangano wabazali nomphakathi wase Matiwane eNdingeni obungoMgqibelo uphume nesinqumo sokuthi kugcono bazilungisele bona ibhuloho.
Umphakathi wase Ndingeni uvuke ekuseni izolo wayolungisa ibhuloho eliwelisa izingane ezifunda eVeyisi Primary School kanye nesenkulisa iNtokozo Yethu Creche.
Abazali bathi ngeke balinde uhulumeni abangazi uyofika nini. Baveza ukuthi leli bhuloho liyingozi ngoba Uma kungake kuphushane izingane lapha kungavela umkhuhlane omkhulu.
Bathi uhulumeni wehluleke waze wancama ukuthuthukisa iMatiwane. Bamsola ngokuhlulwa umgwaqo wetiyela ongu P 652 oneminyaka elishumi ungaphelile. Lomgwaqo uhlanganisa iMatiwane ne Lusitenia.
Bathi isoyi lahlatshwa uMnuz Willis Mchunu esengu Ngqongqoshe wezokuthutha kusifundazwe iKwaZulu Natal kuze kube imanje lutho ukuphela futhi akekho noyedwa kuhulumeni ozixaka ngokubazisa nje ukuthi kubambephi
Izolo ke bathe bafuna ukumukhombisa uhulumeni ukuthi bayakwazi ukuzibambela bona.
Bacele uNgqongqoshe wezokuthutha nokuphephe KwaZulu-Natal uMnuz Sipho Hlomuka ukuthi afike eMatiwane ngaphambi kokuba kufike ukhetho ezobachazela ukuthi bawulungisa nini umgwaqo nama bhuloho.
Kodwa uma sekuze kwasondela izinsuku zokhetho angabe esazixaka bazozibonela benze njani.