Uhulumeni uthi kunohlelo lokulawula amabhizinisi amancane, njengama-spaza shop. Sekuqubuke izikhalazo zokuthi kumele kuthathwe izinyathelo eziphuthumayo kulandela ukuqubuka kwezigameko zokusolakala ukuthi kunoshevu wokudla kuleli, njengoba sekuqubuke ukukhathazeka ngezinga lemikhiqizo edayiswa yizipaza nabadayisi basemgwaqeni….
USINDE KUNZIMA UMNIKAZI WEMOTO YOHLOBO LWE-RENAULT IVELE IGQMUKA AMALANGABI EPHAKATHI
Ubonga abakubo nomdali umnika wemoto yohlobo lweRenault emva kokuthi imoto yakhe ivele yashunqa intuthu emnyama ephakathi. Lesi sigameko kuthiwa senzeke endaweni yaseVerulam eThekwini mnamhlanje emini. Umnikazi walemoto uthi ubone kuqhamuka intuthu emnyama…
UKHALA GOGESI OHANJISWA UKUGUQUBALA KWEZULU UMPHAKATHI WASETHOLENI
Ukhala uyazithulisa umphakathi waseTholeni ngenkinga kagesi ehlasele lendawo okuthiwa sekuphele iminyaka engaphezu kweshumi ingalungiswa. Lomphakathi walendawo engaphansi kukaWard 4 kumaspala wase-Alfred Duma, uthi awusazi ukuthi kumele uthatheni uhlanganise nani ukuze u-Eskom uzizwe…
KWETHULWE IGATSHA LENHLANGANO YAMAKHRESTU KUMASPALA I-ALFRED DUMA
Uqhubeke ngenkulu impumelelo umcimbi wokwethulwa ngokusemthethweni kwegatsha laseMnambithi ngaphansi kwenhlangano yamakholwa angama Kristu i-ALFRED DUMA CRISTIAN COUNCIL namhlanje emini. Lomcimbi obubanjelwe ebandleni lama-WESELI elokishini laseSteadville bekuzothulwa kuwo isiyingi sase Mnambithi nekomidi laso…
BAKHALA NGOBUGEBENGU OBUDLANGE EMGWAQENI U-EGERTON EMNAMBITHI
Bakhala ezibonwayo abantu abahamba ngezinyawo emgwaqeni u-Egerton Road edolobheni eMnambithi ngezigameko zobugebengu ezenzeka khona mihla namalanga. Esigamekweni sakamumva owesifazane osebenzisa lomgwaqo njalo ekuseni uzithole esebanjwa inkunzi namuhla ekuseni ngezithuba zehora lesihlanu elibhekise…
KUSOLWE UHULUMENI NGOKUMOSA KUSETSHENZISWA UR52 MILLION KUBUYISELWA ABOKUFIKA EMAZWENI ABO
I-EFF isuse umsindo mayelana no-R52 million osetshenziswe uMnyango wezaseKhaya ukubuyisela abokufika amazweni awo abangekho emthethweni phakathi kuka-Ephreli no-Agasti 2024. Lokhu kuvele ngesikhathi ephendula umbuzo wePhalamende lePhalamende le-EFF, uThapelo Mogale, ogxeke ukumba eqolo,…
UNGQONGQOSHE UBONGE AMAPHOYISA KUBOSHWA ABALISA(7) ABAGEBENGE ISITOLO SOBUCWEBE
UNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Senzo Mchunu, uncoma uKhomishana wamaPhoyisa e-Gauteng, uphiko lwamaphoyisa eNingizimu Afrika (SAPS), uMnyango wamaPhoyisa kaMasipala waseGoli kanye namathimba onogada abazimele ngempendulo yabo esheshayo nehlelekile eholele ekuboshweni kwabasolwa abayisikhombisa kulandela ukugetshengwa…
UNGQONGQOSHE UFUNA KUNCISHISWE IMALI KA-RAF ENIKWA ABOKUFIKA
UNgqongqoshe wezokuThutha u-Barbara Creecy ubona sengathi imali ekhokhelwa abantu bangaphandle kwe-Road Accident Fund kufanele ibe nomkhawulo. UCreecy ubekhuluma emva kokukhathazeka okuvezwe oyisikhulu esiphezulu se-RAF, uCollins Letsoalo, othe lendela okwenziwa ngayo njengamanje izodala…
KUTHOLAKALE INDATHANE YEZIQHUMANE ETHEMPELINI ETHEKWINI
Amaphoyisa asethole iziqhumane ezebiwe ezibiza isizumbulu sika R4 million ethempeleni, ePhoenix. Ithimba leMetro Police Drug Team, i-SAPS eThekwini Infrastructure Task Team kanye neCrime Intelligence babika ukuthi bebelandela umkhondo emva kokugetshengwa kwebhizinisi eCamperdown…
UHLABISA UFUNA IZIPHAZA ZIBUYISELWE KUBANTU BAKULELI
UMENGAMELI weNkatha Freedom Party (IFP) uMnuz Velenkosini Hlabisa uthi kumele kungenelelwe ngokushesha ukuze kuqinisekiswe ukuthi amabhizinisi espaza abuyela kubantu baseNingizimu Afrika. UHlabisa ubekhuluma nabezindaba engesikhathi i-IFP ibungaza izinsuku eziyi-100 zoHulumeni Wobumbano Lwesizwe…
U-ESKOM UNXUSA AMAKHASIMENDE ASEBENZISA UGESI WKHADI UKUTHI BAFAKE AMA-CODE AMASHA ZINGAKASHAYI IZI-24 KULWEZI
U-Eskom’ usenxuse amakhasimende kagesi wekhadi ukuthi afake amakhodi amasha okuthenga amamitha awo.Umbuso uxwayise ngokuthi amamitha angakabuyekezwa ngomhla ka-24 November ngeke esakhona ukwamukela amathokheni amasha kakgesi. Inqubo yokufaka amakhodi kabusha ithinta cishe amamitha…
LIHLEHLILE ICALA LOWESIMAME OSOLWA NGOKUTHENGELA INGANE YAKHE INKABI EMNAMBITHI
Lihlehlisiwe icala lowesifazane osolwa ngokwakha itulo lokusoconga ingane yakhe ayizalayo kubangwa amafa. UNkosikazi Sindisiwe Ngema wasendaweni yasePhayikeni eMnambithi uvele kafushane namuhla enkantolo kaMantshi edolobheni eMnambithi ngecala lokuzama ukubulala uZanokuhle Sibeko nokuyingane yakhe….