Owesifazane waseThekwini kanye nomsolwa athandana naye bazovela eNkantolo yeMantshi yaseVerulam ngoLwesibili ngezinsolo zokuqamba amanga ngokuthunjwa. Ngesonto eledlule lo wesifazane kubikwa ukuthi watshela umyeni wakhe ukuthi udunwe imoto wabe esevalelwa ebhuthini yemoto yakhe lapho amthumelela khona imiyalezo emibili yezwi.
Umyeni wowesifazane wabikela amaphoyisa ngokuthunjwa.
Amaphoyisa athi athole ukuthi unkosikazi ubenethezeke e-casino ngesikhathi ethumela lemilayezo.
Kuthiwa lona wesifazane, 42, uthungathwe watholakala endaweni yokulala eNewcastle lapho okucatshangwa ukuthi ubelele nesoka lakhe.
Umsolwa oneminyaka engu-55 ubudala kuthiwa nguyena osize ukuhlela ukuthunjwa komgunyathi, okuhlanganisa nokulahla imoto yakhe.
Ngokusho kwamaphoyisa ophiko lwe-SAPS, lo wesifazane uziveze esiteshini samaphoyisa eNewcastle ngoMgqibelo ngemuva kokubona ukuthi iziphathimandla bezimvalela.
Uthe abathumbi bakhe bamehlise eceleni komgwaqo.
Amaphoyisa aseyitholile imoto yakhe.
Laba bobabili babekwe icala lokwephula umthetho.