Ayikakholwa namanje emindeni yabesifazane abadutshulwe baphoswa ezingulubeni eplazini lezigngulube iSebayeng.
UMaria Makgato kanye noKudzai Ndlovu okwakubikwe ukuthi badukile, bathilakale badutshuliwe babulawa eplazini ngesonto eledlule izinsalela zemizimba yabo zatholakala lapho kuvalelwa khona izingulube.
Umfowabo kaMakgato uthi ngemuva kokuduka kukadadewabo baqala ukumthungatha wabe eseya nakhona kuleliplazi okwathi uma ebuza bathi abakaze bambone futhi babengasebenzi ngoMsombuluko , uthi wabe esebuza umuntu odayisa ngakulendawo owaveza ukuthi wezwa isibhamu siqhuma khona eplazini kodwa akabonanga muntu, kwabe sekwenziwa uphenyo olwaholela ekutholakaleni kwemizimba yalaba besifazane ezingulubeni kwathi owesilisa owayekanye nabo yena kubikwa ukuthi wakhona ukuphulukundlela namanxeba okudutshulwa, usesibhedlela.
Kuboshwe abasolwa abathathu okubalwa umnikazi weplazi u Zacharia Olivier kanye nabasebenzi ababili u Rudolf de Wet no William Musora, kulindeleke ukuba bavele enkantolo yamansthi oMankweng mhla zingamashumi amathathu (30) kulenyanga.
Mmmmhhh!! 💔💔💔😪😪😪