UNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu uMmamoloko Kubayi uthi sekuqalwe uphenyo mayelana nokudayiswa nobunikazi bezindlu zomxhaso.
UKubayi ubikele abezindaba ngezinhlelo nentuthuko emkhakheni wezokuhlaliswa kwabantu ePitoli ngoMsombuluko.
“Ngicele ithimba labameli emnyangweni ukuthi lisebenzisane nezinkampani zabameli kanye nophenyo ukuze kuhlaziywe kahle yonke impahla yethu. Sizibophezele kumcwaningi mabhuku jikelele.
“Esinye seziphakamiso sikhuluma ngerejista yempahla kanye nokuphathwa kwempahla ngokwezindlu esinazo.”
Uthi uMnyango ubhekene nengwadla yokukhipha amatayitela njengoba izindlu sezidayisiwe ngaphandle kokwazisa ihhovisi.
“Amatayitela amaningi ahlala ehlezi awakhishwa ngoba umuntu ushonile kuxabene endlini noma uthole ukuthi ezinye izindlu zadayiswa kungakapheli iminyaka eyisishiyagalombili ziphelile ngokuphambana nesenzo sethu kanjalo nodaba. eduze kwabantu abathi kithina kukhona abokufika ezindlini.”