UNgqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni eNingizimu Afrika, uPravin Gordhan uthi uzothatha umhlalaphansi ngemuva kokhetho lukazwelonke lwalo nyaka ngoMeyi 29, uGordha ubekhuluma nabephephandaba iReuters namuhla ngoLwesihlanu.UGordhan wengamela izinhlaka zikahulumeni ezihlanganisa inkampani kagesi edonsa kanzima u-Eskom…
Category: Izindaba Zikazwelonke
UHULUMENI WASE-KZN UBEKE ECELENI U-R4.1 MILLION UKUZE KWAKHIWE ITSHE LESIKHUMBUZO LOKUFIKA KWABOMDABU BASENDIYA KULELI
UNgqongqoshe wezeziMali eKZN uNkk Peggy Nkonyeni wethule isabelo-mali sika-R150 billion esiShayamthetho eMgungundlovu ngoLwesine. Ingxenye enkulu yesabelomali saKwaZulu-Natali yabelwe imfundo, ezempilo kanye nentuthuko yezenhlalakahle. UNkonyeni uthe uMnyango wezeMfundo uzosebenzisa isabelomali sawo ukulungisa nokuvuselela…
INKATHA ITHI SESIPHELILE ISIKHATHI SOKUTHENGWA KWAMAVOTI NGAMAPHASELA OKUDLA NEZIKIBHA
Lowo ongenele esobuNdunankulu KwaZulu-Natal ngaphansi kweqembu i-IFP, uThami Ntuli, usonge imicimbi yokulungiselelwa kwe-manifesto yeqembu eKZN yonkana. UNtuli ubehambele izindawo ezehlukene ezoxoxisana namalungu eqembu futhi ewanxusa ukuthi eze ngobuningi ukuzolalela umqulu wenhlangano ozokwethulwa…
UTHISHA UZILENGISELE ESIKOLENI AFUNDISA KUSO
Uthisha webanga le-12 utholwe elenga ezinkundleni zemidlalo esikoleni ngoLwesithathu ekuseni. Ngokwemibiko, lo thisha utholwe ngonompilo eHyde Park Secondary School, eGauteng. UNgqongqoshe wezeMfundo eGauteng, uMatome Chiloane, uzwakalise ukudabuka ngalezi zigameko wathumela namazwi enduduzo…
LUSEYINDIDA ELOKUTHI UBANI OWAKHOKHO UR800 000 WOKUTHI KUBULAWE U-AKA
Ubani owakhokha u-R800,000 ngokubulawa kukaKiernan “AKA” Forbes? Lona ngumbuzo omkhulu amaphoyisa angakawuphenduli kulandela ukuboshwa kwabesilisa abayisikhombisa mayelana necala lokubulala uForbes nosaziwayo ongumngani wakhe uTebello “Tibz” Motsoane. Abasolwa abahlanu kwabayisikhombisa bavele eNkantolo yeMantshi…
IMBIBIZANE ISILO SICHITHA EYOKUHAMBELA ESIKHUMBUZO SENKOSI UDINUZULU
Simangaze abaningi iSilo uMisuzulu kaZwelithini sichitha izindaba zokuthi sizobe siyingxenye yomgubho yeminyaka wekhulu neshumi wokukhumbula iSilo esesakhothama uDinuzulu kaCetshwayo. Emva kokusabalala kweVideo kaNdunakulu waKwaZulu-Natali uNkosikazi Nomsa Dube Ncube echaza kabanzi ngalomgubho ohlelelwe…
KWENGEZWE AMANYE AMACALA KWABASOLWA KWELOKUBULAWA KUKA-AKA
NgoLwesithathu ekuseni kuvele okusha ecaleni lokubulala umrepha uKiernan ‘AKA’ Forbes noTebello Motsoane. Abasolwa abahlanu kwabayisikhombisa abasolwa ngokwenza lesi sigameko kuFlorida Road ngonyaka odlule bavele okwesibili enkantolo yaseThekwini. Laba bavele kafushane enkantolo namuhla….
AMALUNGU EPHALAMENDE ACHITHE EYOKUVALWA KWEMIFANISWANO EZIKOLENI ZAKULELI
Amalungu ePhalamende athi awafuni kuqedwe imifaniswano yesikole. Lokhu kuvele ngesikhathi bezwakalisa ukweseka inqubomgomo yomfaniswano oyimpoqo. Amalungu ekomidi lesikhundla semfundo eyisisekelo ePhalamende abephendula izethulo zeKhomishana Yamalungelo Abantu YaseNingizimu Afrika (i-SAHRC) ebibuza ngesidingo semifaniswano…
SANDA NGOKUSHESHA ISIBALO SABATHELELEKA NGOPHENYANE ETHEKWINI
ITheku libhekene nokwanda kwezigameko kwesifo sophenyano njengoba sekuqinisekisiwe ukuthi bangaphezu kuka-1 000 abantu abanalesi sifo. UMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal weluleka abantu ukuthi bahlanzeke ukuze bagweme ukwanda kwalesi sifo. EThekwini zingu-1,040 izigameko, kwavela ezinye…
ABANTWANA BAKULELI BAKHULUPHELE NGENDLELA ENGEMUKELEKILE KWEZEMPILO – UCWANINGO
Njengoba umhlaba ubugubha iWorld Obesity Day izolo, iSouth Africa’s Heart and Stroke Foundation ithe ukukhuluphala kuyinkinga enkulu ezweni. Inhlangano ithe cishe u-65% wabesifazane kanye no-30% wabesilisa bathathwa njengabantu abakhuluphele noma abakhuluphele kakhulu(Obese)…
I-NSFAS IQINISEKISE UKUKHOKHELWA NGESIKHATHI KWABAFUNDI KULONYAKA
INational Student Financial Aid Scheme (NSFAS) isiqinisekise abazohlomula ukuthi imali abayithola nyanga zonke, izibonelelo zezincwadi kanye nezimali zokuhlala ngeke zibambezeleke. Ngonyaka odlule izinkulungwane zabafundi basemanyuvesi amaningi nasemakolishi e-T-Vet zasala dengwane ngenxa yokwehluleka…
IYANDA INGCINDEZI YOKWESULA KUKASOMLOMO WEPHALAMENDE EMVA KOKUQUBUKA KWEZINSOLO ZENKOHLAKALO
Iyakhula ingcindezi yokuthi uSomlomo wePhalamende uNosiviwe Mapisa-Nqakula ashiye esikhundleni sakhe njengenhloko yesiShayamthetho kulandela izinsolo zenkohlakalo abhekene nazo. I-Economic Freedom Fighters (EFF) ithe imibiko yokuthi wacela ukufumbathiswa usonkontileka wezokuvikela ngesikhathi esenguNgqongqoshe wezokuVikela ikhombisa…