Njengoba umhlaba ubugubha iWorld Obesity Day izolo, iSouth Africa’s Heart and Stroke Foundation ithe ukukhuluphala kuyinkinga enkulu ezweni.
Inhlangano ithe cishe u-65% wabesifazane kanye no-30% wabesilisa bathathwa njengabantu abakhuluphele noma abakhuluphele kakhulu(Obese) eNingizimu Afrika.
Ibamba leMenenja yeHealth Promotion uJuandre Watson uthe liyakhula izinga lokukhuluphala kwezingane.
“Manje amaphesenti ezingane ezineminyaka ephakathi kwe-6 ne-14, abakhuluphele noma abakhuluphele kakhulu, cishe u-13.5%.
UWatson uthe kusekuningi okumele kwenziwe ukuze kuqwashiswe abantu ngokukhuluphala ngokweqile.
“Kufanele kube nokungenelela komphakathi kanye nezinqubomgomo ezingaba nomthelela ezinhlelweni ezahlukene ezinomthelela ekukhuluphaleni okufanele ziqaliswe futhi zilandelwe.”