INational Student Financial Aid Scheme (NSFAS) isiqinisekise abazohlomula ukuthi imali abayithola nyanga zonke, izibonelelo zezincwadi kanye nezimali zokuhlala ngeke zibambezeleke.
Ngonyaka odlule izinkulungwane zabafundi basemanyuvesi amaningi nasemakolishi e-T-Vet zasala dengwane ngenxa yokwehluleka kwalolu hlelo ukukhokha izibonelelo ngesikhathi.
I-NSFAS isanda kuthumela imali engaphezu kuka-R3-billion ezikhungweni ezehlukene ukuthi zikhiphe izibonelelo zikaFebhuwari noMashi kubafundi.
Usihlalo webhodi elibambile uLourens van Staden uthe lokhu kuzoqinisekisa ukuthi uhlelo lokukhishwa kwezimali luhamba kahle
“Emva kubambezeleka onyakeni wokufunda ka-2024 ikakhulukazi ngenxa yokubambezeleka kokubhalisa, ibhodi lithathe isinqumo sokucela izikhungo okwamanje ukuthi zisebenze njengomshana ozokhokhela izibonelelo zikaFebhuwari noMashi. .”