Simangaze abaningi iSilo uMisuzulu kaZwelithini sichitha izindaba zokuthi sizobe siyingxenye yomgubho yeminyaka wekhulu neshumi wokukhumbula iSilo esesakhothama uDinuzulu kaCetshwayo.
Emva kokusabalala kweVideo kaNdunakulu waKwaZulu-Natali uNkosikazi Nomsa Dube Ncube echaza kabanzi ngalomgubho ohlelelwe ukuthi ube sendaweni yaKwaCeza, ihhovisi likaNgangezwe lakhe likhiphe isitatimende lichitha elokuthi nayo iNdlulamithi iyobe ikhona kulomcimbi. KuleVideo, uNdunankulu uzwakala ethi,” Mhlaka 9 March oSuthu lapho siyokwenza khona inkonzo yamabutho, sicela amabutho abe khona ngoba lona kuzoba umsebenzi owandulela lona wangezi 10 March. Ngomhlaka 10 sicela ibutho libe khona ngoba kobe kukhona uNgangezwelakhe kanti kubalulekile ukuthi uma kukhona uNgangezwelakhe namabutho abe khona.”
Isitatimende esikhishwe yihhovisi leNdlulamithi sikubeka kucace ukuthi iNkosi ngeke ilubeke kulowomcimbi, futhi angeke ithumele muntu ozoyimela, ” Ukuphendula imibuzo eminingi evela kwabezindaba mayelana nomcimbi ohlelwe nguhulumeni wesifundazwe ozoba ngomhla ka 10 kuMarch 2024, Inkosi uMisuzulu kaZwelithini ungiyalele ukuthi ngidlulise lokhu okulandelayo:
- Inkosi angeke ize ibe khona kulomcimbi.
- Inkosi futhi angeke ithumele ithimba elizoyimela kulomcimbi.
Abanye bebevele besigxeka lesi sinyathelo sikahulumeni wesifundazwe bethi kusetshenziswa izimali zabakhokhi bentela ukuze kufezwe izinhloso zikaKhongolose. Uzokhumbula ukuthi lomcimbo uhlelwe waqondana nqgo nosuku lapho iqembu leNkatha Fredom Party luzobe libambe umcimbi wokwethula usomqulu walo wokhetho eMoses Mabhida Stadium. Lokhu abanye bakuhlziye njengecebo lokuphazamisa lomcimbi.
Kanti kuthe emizuzwini engemingaki ngaphambi kokushicilela loludaba, uHulumeni wesifundazwe wamemezela ukuthi lomcimbi usuhlehliselwe umhla ka 16 KuMarch.