Iyakhula ingcindezi yokuthi uSomlomo wePhalamende uNosiviwe Mapisa-Nqakula ashiye esikhundleni sakhe njengenhloko yesiShayamthetho kulandela izinsolo zenkohlakalo abhekene nazo.
I-Economic Freedom Fighters (EFF) ithe imibiko yokuthi wacela ukufumbathiswa usonkontileka wezokuvikela ngesikhathi esenguNgqongqoshe wezokuVikela ikhombisa ukudelela ngokusobala ukuziphatha kanye nomthetho.
Iqembu lithe lizophinde lifake isikhalo ngaye ekomitini lePhalamende le-Ethics Committee, eselicubungula olunye udaba olubhekene naye, oluhlobene neholo likanobhala wephalamende.
Ngonyaka odlule i-EFF yaletha isiphakamiso sokuqala sokungethenjwa kukaMapisa-Nqakula ngendlela asingathe ngayo umbhikisho wabo ngesikhathi seNkulumo Yesizwe (SONA).
Kodwa i-African National Congress yasheshe yawuchitha.
Manje i-DA ne-EFF bathe bazocela ikomiti lokuziphatha ePhalamende ukuthi liphenye ngezinsolo zenkohlakalo abhekene nazo.
Khonamanjalo, i-EFF ithe kumele ehle esikhundleni.
Uthe kuyakhathaza futhi ukuthi abezomthetho abavamile ukuphumelela uma bephenya ngobugebengu kulabo abasezikhundleni eziphezulu.
I-EFF ikholelwa ukuthi uMapisa-Nqakula usesetshenziswe kwezepolitiki ukuvikela uMengameli Cyril Ramaphosa ekubhekaneni nesinqumo sePhalamende ngodaba lwePhala Phala.
Leli qembu liqhube lathi uRamaphosa akakwazi ukuzenza ongazi ngezinsolo abhekene nazo uMapisa-Nqakula.
USomlomo uzobe eseParis kuleli sonto ehola ithimba lephalamende engqungqutheleni yoSomlomo Bomame.
Ngehhovisi lakhe, nokho uveze ukuthi umsulwa futhi uthi uzosebenzisana nanoma yiluphi uphenyo olusemthethweni.