Amalungu ePhalamende athi awafuni kuqedwe imifaniswano yesikole.
Lokhu kuvele ngesikhathi bezwakalisa ukweseka inqubomgomo yomfaniswano oyimpoqo.
Amalungu ekomidi lesikhundla semfundo eyisisekelo ePhalamende abephendula izethulo zeKhomishana Yamalungelo Abantu YaseNingizimu Afrika (i-SAHRC) ebibuza ngesidingo semifaniswano ehlukene ngobulili ezikoleni zakuleli.
Ikhomishana iphinde yaveza ukungabaza kwayo mayelana nokuhlobana phakathi komfaniswano wesikole nokuziphatha kahle kwabafundi noma ukusebenza kahle kwezemfundo.
NgoLwesibili ikhomishana yazisa amalungu ePhalamende ngophenyo lwayo ngemigomo yomfaniswano wesikole ngemuva kokuthola izikhalo eziveza ukuchema kuwo.
USihlalo wekomiti uBongiwe Mbinqo-Gigaba uthe imifaniswano igqokwa emphakathini wonke ngenhloso.
“Ngokujwayelekile ngicabanga ukuthi nazo lezi zingane zifuna ukuthi maziqeda esikoleni zenza imsebenzi ezofuna ukuthi zigqoke umfaniswano kodwa ngapha sibe sithi inyumfomu ayilungile.”