UNgqongqoshe wezogesi uKgosientsho Ramakgopa usememezele ukuthi umthamo wamandla kagesi usungu 70.78% okuyizinga eliphezulu elagcina ukwenzeka ngonyaka ka2021. UNgqongqoshe uthi lomphumela omuhle kangaka wenziwe ngukusebenza ngokuzikhanda kwabasebenzi bakwaEskom lokhu kuzokwenza ube mncane uDizili…
Category: Ezepolitiki
SENYUKELE KWABANGU-24 ISIBALO SABASHONE ENHLEKELELENI YASEWESTERN CAPE
Isibalo sabashonile enhlekeleleni yokuwa kwebhilidi laseGeorge eWestern Cape sesinyukele ku-24. Bangu-28 abantu abangaziwa ukuthi bashonephi, kanti abangu-13 basasesibhedlela. Namuhla kuqeda isonto selokhu kwabhidlika lesi sakhiwo. Izikhulu zeGarden Route District Joint Operations Centre…
UHULUMENI NEZINHLELO ZOKUTHUTHUKISA ABESIFAZANE E-KZN
Namuhla uNdunankulu waKwaZulu-Natal uNkk Nomusa Dube-Ncube uhambele endaweni yase Forderville Hall eEstcourt ukuyobungaza usuku lomama. OkaNcube uthi lolusuku akulona nje elenjabulo nokubonga kuphela kodwa futhi lithuba lokucabanga ngezinselelo abesifazane ababhekene nazo esifundazweni…
KUDUNWE ILOLI EBELITHWELE AMATEKU AVELA PHESHEYA KWEZILWANDLE
Iloli ebeligcwele amateki egama enani elilinganiselwa kuR7 million ebelisuka echwebeni lase Richardsbay liduniwe kwathathwa wonke amateku lasala lingenalutho. Ikhontena ibisuka phesheya kwezilwandle ngomkhumbi ifikele eRichardsbay nalapho ibizothuthwake ngaleliloli iyiswa esitolo thizeni eGoli…
KUXWAYISWA NGOMKHUHLANE ODLA LUBI EBANTWANENI KULELI
Ukuqubuka kwegciwane le-respiratory syncytial virus (RSV), elisabalala ikakhulukazi ezinganeni, sekufike kuvuthondaba, ngokusho kochwepheshe bezempilo. Osokhemisi bakuleli baqinisekise ukwenyuka okukhulu kwezinga lokutheleleka phakathi kwezingane ezingenwe umkhuhlane, ikakhulukazi i-RSV. I-RSV ingenye yezifo ezivame kakhulu…
UNGQONGQOSHE USECELE ABAZALI BANGENELELE EKUZIBULALENI KWABANTWANA BESIKOLE
UNGQONGQOSHE wezeMfundo eyisiSekelo, uNkk Angie Motshekga, usenxuse abazali nezinhlangano ezizimele ukuthi basebenzisane nothisha ukuze kuliwe nokunyuka kwezibalo zokushona kwabafundi. Ungqongqoshe, ehambisana noNgqongqoshe wezeMfundo eGauteng, uMatome Chiloane, ubekhuluma nabafundi basesikoleni semfundo ephakeme e-Ivory…
INKANTOLO YOMTHETHOSISEKELO ISICHITHILE ISICELO SOKUHLEHLISA UKHETHO
INkantolo yoMthethosisekelo ngoLwesihlanu izichithile izicelo zamaqembu amathathu ezepolitiki zokuhlehlisa ukhetho. Amaqembu e-African Congress for Transformation, Labour Party of South Africa, kanye ne-Afrikan Alliance of Social Democrats baye enkantolo ngemuva kokuphuthelwa umnqamulajuqu wokuhambisa…
UDOCTOR KHUMALO UTHI AKAKAZE AKHANKASELE I-ANC
Uziphika ulala ngomhlane umhlaziyi obuye abe ngumqeqeshi webhola lezinyawo kuleli uDoctor Khumalo izinsolo zokuba lilungu futhi akhankasele iqembu elibusayo i-ANC njengobs kubhekwe okhethweni. Ezinsukwini ezimbalwa ezedlule kubonakale uKhumalo ehamba naloyo owake waba…
U-ESKOM UZONCIPHISA UGESI EWUTHUMELA EZINDAWENI EZINOGESI OXHUNYWE NGOKUNGEMTHETHO E-KZN
U-Eskom e-KZN useqale kabusha ukwehlisa ugesi kuso sonke isifundazwe ezindaweni ezijwayele ukugcwala kakhulu ugesi oxhunywe ngokungemthetho. Ithi lokhu kwenzelwa ukuvikela inethiwekhi nokunciphisa umonakalo yengqalasizinda kagesi. Umkhiqizi kagesi uthi ukuxhunywa kukagesi ngokungemthetho kudale…
INKAMPANI YAMABHANOYI IFLYSAFAIR IDAYISA AMTHIKITHI OKUNDIZA NGO-R10 KUPHELA
Izinkulungwane zabantu baseNingizimu Afrika zilindele ukuthengiswa okulindeleke ngabomvu kwamathikithi endiza yinkampani yezindiza i-FlySafair ngentengo ehliswe kakhulu. Lokhu kulandela ukuthi inkampani yezindiza yaseNingizimu Afrika, ibuyisele ukudayiswa kwayo kwamathikithi ka-R10, okuhlanganisa zonke izintela. Ukuthengiswa…
ISENZO SE-DA SIFANA NCAMASHI NOKUVUKELA UMBUSO – RAMAPHOSA
UMengameli Cyril Ramaphosa usigxekile isikhangiso sokhetho se-DA esinempikiswano futhi wasichaza njengesiwukuvukela umbuso. URamaphosa ubekhuluma ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni ihhovisi elisanda kwakhiwa loMnyango Wezasekhaya kanye namahhovisi amaloli angomahamba nendlwana ayikhulu eMokopane, eLimpopo. Uthi amaloli…
SISUSE UMSINDO ISIKHANGISI SE-DA ESIKHOMBISA IFULEGE LAKULELI LISHA
Isikhangiso somkhankaso wokhetho we-DA esikhombisa ukushiswa kwefulegi laseNingizimu Afrika sichazwe njengesicasulayo nesingehli kahle. Lesi sikhangiso, esethulwe ngeSonto, sibonisa ifulegi laseNingizimu Afrika ngemuva, elinesihloko sokuqala esithi “Lolu khetho lumayelana nokusindisa iNingizimu Africa”. Njengoba…