Isibalo sabashonile enhlekeleleni yokuwa kwebhilidi laseGeorge eWestern Cape sesinyukele ku-24. Bangu-28 abantu abangaziwa ukuthi bashonephi, kanti abangu-13 basasesibhedlela.
Namuhla kuqeda isonto selokhu kwabhidlika lesi sakhiwo.
Izikhulu zeGarden Route District Joint Operations Centre zithi kugxilwe kakhulu emizamweni yokuhlenga abangakatholakali.
Khonamanjalo, uphiko lwamaphoyisa aseNingizimu Afrika luthi selibhalise idokodo lophenyo ngale nhlekelele.
Kulindeleke ukuthi ongoti embonini yezokwakha kanjalo noNgqongqoshe wezeMisebenzi yoMphakathi, uMnuz Sihle Zikalala, bavakashele le ndawo.
Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke, u-Athlenda Mathe, uthe imininingwane ehlinzekwe osonkontileka bamabhilidi nayo ayifani.