ISilo samaZulu uMisuzulu kaZwelithini usephefumulile ngesigameko sokubangwa kombhobho ngempelasonto KwaCeza enyakatho neKZN. UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho kanye noSihlalo we-ANC esifundazweni, uMnuz Siboniso Duma, uphazamise inkulumo kaNdunankulu wesizwe samaZulu, uMnuz Thulasizwe Buthelezi, ngemuva kokuphawula…
KUSAZOKWENYUKA KAKHULU UKUDLA KULELI NGENXA YOKUGUQUGUQUKA KWESIMO SEZULU
Ukuguquguquka kwesimo sezulu kulindeleke ukuthi kuqhubeke nokwenyusa amanani okudla kanye nokwehla kwamandla emali emhlabeni wonke esikhathini esizayo, ngokocwaningo olusha oluvela kososayensi kanye ne-European Central Bank. Umthelela uzohluka kodwa uzwakale yonke indawo, ikakhulukazi…
INTOKOZO INHLANGANO ISHUKASIBHEME PROJECT ITHOLA IGUNYA LOKULIMA INSANGU
Izingoma zokubonga zigcwale kwaMhlabuyalingana ngoLwesihlanu ngesikhathi amalungu enhlangano yomfelandawonye iShukasibheme Project, eMseleni, ethola imvume egunyaza ukuthi alime i-hemp. Abesilisa nabesifazane bangene engomeni, bebonga imizamo engenakuqhathaniswa eyenziwe nguMnyango wezoLimo nokuThuthukiswa kwezindawo zaseMakhaya (DARD)…
IBUNGAZELE USUKU LWAYO LOKUZALWA EMNAMBITHI INKATHA
Amakhulu abathandi nabalandeli be Nkatha freedom party (IFP) abungaze usuku lokuzalwa kwaleliqembu eMnambithi enkumdleni Indoor Sport Centre izolo. Iqembu leNkatha lwasungulwa mhla zingu 21 March 1975 lisungulwa owayengumongameli wayo ongasekho uDr. Mangosuthu…
UBOSHIWE UMAMA OBONAKALE KWIVIDEO ESHAYA IZINGANE ZAKHE NGESICATHULO
UNGQONGQOSHE wezokuThuthukiswa koMphakathi, uNkk Nonhlanhla Khoza, uthi usale ethukile futhi emangele ngesehlo sokuhlukunyezwa kwengane esithwetshulwe ngekhamera safakwa ezinkundleni zokuxhumana. Le video esabalale ezinkundleni zokuxhumana iveza owesifazane eshaya ingane yakhe ngesicathulo. Okhulumela uMnyango,…
KUBOSHWE UMLISA OTHOLWE NEZIDAKAMIZWA EZINGABIZA U-R1.4 MILLION ETHEKWINI
Umsolwa osolwa ngokudayisa izidakamizwa uzovela enkantolo yaseThekwini ngoLwesithathu. Amaphoyisa athi umsolwa oneminyaka engu-50 utholwe nezidakamizwa okuthiwa zibiza ngaphezu kuka-R1 million ngesikhathi kugasela amaphoyisa endaweni yakhe. Okhulumela uMnyango uRobert Netshiunda uthi amathimba enze…
ZIZONYUSELWA AMAHOLO NGO 4,7% IZISEBENZI ZIKAHULUMENI
UMnyango wezeMisebenzi yoMphakathi nokuPhatha ukuqinisekisile ukuthi abasebenzi bakahulumeni bazonyuselwa amaholo ngo-4,7%. Ukwenyuka kuzoqala ukusebenza mhla lu-1 kuMbasa. Lokhu kuhambisana nesivumelwano seminyaka emibili esisayinwe iningi lezinyunyana zezinkampani zikahulumeni, esiqinisekisa ukukhushulwa kwamaholo ngo-7.5% onyakeni…
KUBOSHWE AMAPHOYISA AMABILI EMTSHEZI NGECALA LOKUBULALA
I-Independent Police Investigative Directorate (Ipid) ibophe amaphoyisa amabili ngezinsolo zokuhlukumeza aze abulale owesilisa e-Estcourt. Amaphoyisa athi lamaphoyisa abanjwe eMangwe ngoLwesibili. Izikhulu zithole umbiko wokuthi kutholakale umuntu oseshonile. Kukholakala ukuthi amaphoyisa alanda lomlisa…
UGXEKWE WAZE WAHOXISA UNGQONGQOSHE OBEZOFAKELA ABAHLALA EMGWAQENI IZINDAWO ZOKUGEZA.
Emva kokugxekwa okukhulu ngokwethulwa kohlelo lwamashawa angumahamba nendlwana lwabantu abahlala emgwaqeni, uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi eGauteng, uMbali Hlophe, usewuhlehlile lo mcimbi obekumele ube ngoLwesithathu. Lo msebenzi ubuzosebenza ngaphansi kwesihloko esithi “Nasi iShower”, igama…
BATHI MAKASULE ESIKHUNDLENI USOMLOMO WEPHALAMENDE LAKULELI
Iziphathimandla zigasele emzini kaSomlomo wePhalamende, eGoli, uNosiviwe Mapisa-Nqakula. Uphiko oluphenya ngamacala ophiko lweNational Prosecuting Authority luthi lokhu kugasela okuthathe amahora amahlanu kuhlobene nezinsolo zenkohlakalo ezithinta uMapisa-Nqakula njengoNgqongqoshe wezokuVikela. Okhulumela i-NPA uMthunzi Mhaga…
UVODACOM UZODILIZA INQWABA YABASEBENZI
Inkampani enkulukazi e-Afrika kwezokuxhumana, iVodacom, ithi kuzoncishwa imisebenzi ezizindeni zayo eNingizimu Afrika. Le nkampani, eqashe abantu abangaphezu kuka-5,000, kulindeleke ukuthi ichithe imisebenzi ecela ku-80 ngendlela yokunciphisa izindleko. Isinqumo sakamuva silandela ukubuyekezwa kokusebenza…
KHONGOLOSE UZOYOSHWELEZA KWISILO NGOLUKADUMA NOMBHOBHO KWACEZA
Unobhala weAfrican National Congress( ANC) kwaZulu-Natal uMnuz Bheki Mtolo useveze ukuthi bazoya kwiSilo samaZulu uMisizulu kaZwelithini beyoxolisa ngesigameko sangempelasonto kwaCeza. Kulo mcimbi usihlalo waleli qembu uMnuz Sboniso Duma wagxavula umbhobho kusakhuluma uNdunankulu…