UMnyango wezeMisebenzi yoMphakathi nokuPhatha ukuqinisekisile ukuthi abasebenzi bakahulumeni bazonyuselwa amaholo ngo-4,7%. Ukwenyuka kuzoqala ukusebenza mhla lu-1 kuMbasa.
Lokhu kuhambisana nesivumelwano seminyaka emibili esisayinwe iningi lezinyunyana zezinkampani zikahulumeni, esiqinisekisa ukukhushulwa kwamaholo ngo-7.5% onyakeni wezimali ka-2023/24 kanye nokukhuphuka okuhlobene nokwehla kwamandla emali ngo-2024/25.
Esitatimendeni esikhishwe ngoLwesithathu ekuseni, uNgqongqoshe wezemiSebenzi kaHulumeni nokuPhatha uNoxolo Kiviet uthe lesi sinqumo sibonisa ukuzibophezela kukahulumeni ekunxeshezelweni ngendlela efanele kanye nezinsiza zomphakathi ezisezingeni eliphezulu.
“Lesi sinqumo sihambisana nokuzibophezela ezinsizakalweni ezifinyeleleka kalula nangokushesha kubantu futhi kube kuqashelwa ukusebenza kanzima nokuzinikela kwabasebenzi bakahulumeni.
“Uhulumeni uzicubungule kahle izinto ezehlukene ukuze kube nokulingana phakathi kokuhlangabezana nezidingo zabasebenzi bakahulumeni kanye nokuletha izinsiza ngendlela efanele.”
U-Kiviet unxuse bonke abasebenzi bakahulumeni ukuthi baqhubeke nokuletha izinsiza ezisezingeni eliphezulu.
“Njengoba uhulumeni eqhubekela phambili ekwenzeni izisebenzi zikahulumeni zibe ngochwepheshe, usazinikele ekwesekeni ukuthuthukiswa kwezisebenzi zikahulumeni ngokutshalwa kwezimali ekuqeqesheni nasekuthuthukiseni amakhono.
“Uhulumeni uyakwazisa ukusebenza kanzima kwabasebenzi bakahulumeni futhi uzoqhubeka nokubeka phambili inhlalakahle yabo,” kusho uKiviet.