Iziphathimandla zigasele emzini kaSomlomo wePhalamende, eGoli, uNosiviwe Mapisa-Nqakula. Uphiko oluphenya ngamacala ophiko lweNational Prosecuting Authority luthi lokhu kugasela okuthathe amahora amahlanu kuhlobene nezinsolo zenkohlakalo ezithinta uMapisa-Nqakula njengoNgqongqoshe wezokuVikela.
Okhulumela i-NPA uMthunzi Mhaga uthi bekuwumkhankaso wokuthungatha nokushaqwa.
“Lokhu kuhlobene nophenyo olwenziwa yi-NPA.”
Okhulumela iPhalamende, uMoloto Mothapo, uthe lokhu kugasela kuphazamise izinhlelo zikaMapisa-Nqakula, okuhlanganisa nokwengamela umhlangano wemibuzo nezimpendulo zikaMengameli uCyril Ramaphosa.
“Lo mkhankaso uhlobene nophenyo lwale nhlangano olusakazwe kabanzi ngenkohlakalo okubikwa ukuthi ithinta isikhundla sikaSomlomo njengongqongqoshe wezokuvikela kanye nomakadebona bezempi. Wamukele abaphenyi emzini wakhe namhlanje ekuseni, babambisana ngokugcwele ngesikhathi bemphenya.”
USomlomo uphenywa ngezinsolo zokuthi wahlomula imali engaphezulu kuba R2.3 Million emsebenzini wetender eyanikezwa inkampani kaNombasa Ntsondwa Ndlovu osephenduke ufakazi wenkantolo okhipha izinsolo zokufumbathisa uMaphisa Nqakula izizumbulu zemali engukheshi ngesikhathi esenguNgqngqoshe wezokuvikela kuleli.
Abe Civil Organisation(OUTA)kanye nomholi weDemocratic Alliance(DA) bathi uNKK Nqakula akasule esikhundleni sakhe sokuba nguSomlomo ephalamende.