I-Independent Police Investigative Directorate (Ipid) ibophe amaphoyisa amabili ngezinsolo zokuhlukumeza aze abulale owesilisa e-Estcourt. Amaphoyisa athi lamaphoyisa abanjwe eMangwe ngoLwesibili.
Izikhulu zithole umbiko wokuthi kutholakale umuntu oseshonile.
Kukholakala ukuthi amaphoyisa alanda lomlisa enkabeni yedolobha ngaphambi kokuthi kubikwe ukuthi ulahlekile.
“Abaphenyi be-IPID badlulele endaweni yesigameko benza uphenyo olunzulu, okuholele ekutheni kutholakale amaphoyisa okuthiwa ayathinteka esigamekweni sokubulala,” kusho okhulumela i-Ipid uPhaladi Shuping.
“Amaphoyisa amabili aseWembezi naseMabhanoyini khona eMtshezi aboshwe ngabaphenyi be-IPID, azovela enkantolo maduze.”