Amakhulu abathandi nabalandeli be Nkatha freedom party (IFP) abungaze usuku lokuzalwa kwaleliqembu eMnambithi enkumdleni Indoor Sport Centre izolo.
Iqembu leNkatha lwasungulwa mhla zingu 21 March 1975 lisungulwa owayengumongameli wayo ongasekho uDr. Mangosuthu Buthelezi.
leliqembu libuthane eMnambithi lapho beliholwa umengameli walo uMnumzane Velenkosini Hlabisa, iphini lika sihlalo wasifundazwe saKwaZulu-Natal inkosi Ntandoyenkosi Shabalala , usihlalo waleliqembu oThukela uMbuzeleni Mkhize kanye nobunye ubuholi baleli qembu.
uHlabisa uthi bayazithemba njengeqembu lenNkatha ukuthi bazobuya naso isifundazwe SakwaZulu-Natal ngomhlaka 29 May
okhethweni lukazwelonke nolwezifundazwe.