Izingoma zokubonga zigcwale kwaMhlabuyalingana ngoLwesihlanu ngesikhathi amalungu enhlangano yomfelandawonye iShukasibheme Project, eMseleni, ethola imvume egunyaza ukuthi alime i-hemp.
Abesilisa nabesifazane bangene engomeni, bebonga imizamo engenakuqhathaniswa eyenziwe nguMnyango wezoLimo nokuThuthukiswa kwezindawo zaseMakhaya (DARD) yokuqeda ububha, ukungalingani kanye nokuntuleka kwemisebenzi.
IShukasibheme inamalungu angama-58 esigceme saseMagcekeni kanti inomhlaba ongamahektha angu-17 ngaphansi kukamaspala weNdaba kaMabasa. Lona umhlaba ozosetshenziselwa ukutshala insangu nezinye izitshalo.
Kuze kube manje, uMnyango ususebenzise imali engaphezu kuka-R1,1 million ekubiyeleni izingadi, ukufaka imigodi yamanzi okunisela kanye nokuhlinzeka ngemishini nezinto zokukhiqiza.
UMnu Manzini, uSihlalo kaShukasibheme, uthe liphezulu izinga lokuntuleka kwemisebenzi emphakathini kodwa selokhu kwasungulwa iShukabheme ziningi izimpilo ezishintshile.
Uthe le mvume izobavulela iminyango ibavumele ukuthi babe ngosomabhizinisi njengoba uMnyango uzobe ubaxhumanisa nemakethe, uvikele imali yabo.
“Bekuvele kuyiphupho lethu ukuthi sithole le mvume nanamuhla isifezekile. Sizosebenzisana noMnyango, sondle imindeni yethu. Sibonga uhulumeni obeka abantu bakhe eqhulwini. Manje sesizokwazi ukondla imindeni yethu futhi sidale namathuba omsebenzi ngomhlaba wethu,” kusho uMnu Manzini.
Sekukhishwe izimvume zokutshalwa kwensangu ezingama-38 esifundeni uMkhanyakude. Sebebonke iSifundazwe manje sinabanikazi bezimvume abangama-664.
UNgqongqoshe uSuper Zuma ukhumbuze abanikazi bezimvumei ukuthi baboshwe ngumthetho futhi okuzotholakala ukuthi bawasebenzisi kabi bazolahlekelwa yiwo.
UNgqongqoshe uZuma wengeze ngokuthi uzohlangana nobuholi bomdabu ukuze kuphothulwe zonke izivumelwano ngaphambi kokuthi kuqale umsebenzi weShikusasibheme.
“Sifuna umnotho ubuyele ezandleni ezifanele, ngakho-ke, kubalulekile ukuthi sonke sibe yingxenye yayo yonke imizamo yokubhekana nalo mbono. Asikho isikhathi sobuvila kodwa kumele sizame ukuba yingxenye yesixazululo ngayo yonke indlela,” kusho uNgqongqoshe uZuma.