ISilo samaZulu uMisuzulu kaZwelithini usephefumulile ngesigameko sokubangwa kombhobho ngempelasonto KwaCeza enyakatho neKZN. UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho kanye noSihlalo we-ANC esifundazweni, uMnuz Siboniso Duma, uphazamise inkulumo kaNdunankulu wesizwe samaZulu, uMnuz Thulasizwe Buthelezi, ngemuva kokuphawula kwakhe nge-ANC emcimbini wokuhlonipha iSilo uDinuzulu. UButhelezi ubuye abe yilungu le-NEC ye-IFP.
Esitatimendeni sangoLwesihlanu ntambama, iSilo uMisuzulu sichaze ukuziphatha kukaNgqongqoshe uSiboniso Duma njengokungafanelekile, okuvusa inkanuko nokungahambisani nobu-Afrika.
INgonyama ithi igxile esikweni lamaZulu ukuthi abantu kumele bavunyelwe ukuziveza.
Uthi noma ngubani ovimba omunye umuntu ukuthi asebenzise ilungelo lakhe lokukhuluma, ngaphandle kokubheka umyalezo wakhe, uhlasela amagugu esizwe samaZulu.
ISilo simshayele ihlombe uButhelezi sathi uphendule ngomoya ophansi isenzo sikaDuma.
Ukholelwa ukuthi ukuziphatha kukaNgqongqoshe bekuhloswe ukuchukuluza nokululaza undunankulu womdabu.
INkosi uMisuzulu ithi ikubonile ukuphawula mayelana nokuhlonishwa kweqhaza likaNdunankulu woMdabu.
Uthi lokhu akwehli kahle kuyena kuphela, kepha akukhuthazi ubumbano nokuthula KwaZulu-Natal.