ZIKAPAKELA naseqenjini leDStv Diski Challenge (DDC) izinkinga zemali ezihaqe iMoroka Swallows engenye yamakilabhu anomlando omude ebholeni laseNingizimu Afrika. Leli phephandaba lihoshe ngemithombo yalo ukuthi iSwallows Reserves iye emdlalweni wayo neTS Galaxy Reserves ngoMgqibelo…
BEKUSINDWE NGOBETHOLE ZIWUSHAYA KUMSAKAZI WENQUBEKO FM NGEMPELASONTO
Kube yisikhathi senjabulo kuMsakazi wesiteshi somsakazo esizinze edolobheni eMnambithi iNqubeko FM ngesikhathi egcagcelwa yintokazi yaseLimehill khona eMnambithi. uMduduzi Buthelezi owenza uhlelo lwasekuseni njalo ngoMgqibelo kusukela ngehora lesithupha ekuseni kuze kube yihora lesishiyagalolunye,…
IPHOYISA LASETHEKWINI LIGWAZE LABULALA INTOMBI YALO MAQEDE LAYISHUTHA LAFAKA IZITHOMBE EZINKUNDLENI ZOKUXHUMANA
Iphoyisa laseThekwini lizongena enkantolo ngoLwesibili ngecala lokubulala intombi yalo. Owesifazane, obephinde abe yiphoyisa likamasipala, ugwazwe washona efulethini labo elisenkabeni yedolobha ngeSonto. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uRobert Netshiunda, uthe kuyacaca ukuthi izithandani zaziphuza ngaleso…
INYUKA NGO-12% INTENGO KAGESI KULELI KUSUKA NAMUHLA
Leliphephandaba selingakuqinisekisa ukuthi ukunyuka kwentengo kagesi kwa-Eskom ngo-12% onyakeni wezimali ka-2024/25 kuyaqala namuhla ngo-April 1. Inkampani ephakela amandla kagesi kuzwelonke ithe ngoLwesine ikhulume neNational Energy Regulator of South Africa (Nersa) ngo-Okthoba nyakenye…
UKHIHLE ESIKANANDI EVALELISA EMSAKAZWENI OWOKHOZI
Ube nezinyembezi zenjabulo uNongcebo Mckenzie eshayele uhlelo lwakhe lokugcine emsakazweni ukhozifm “ezingasoze zabuna”. UNongcebo ungabanye babasakazi abanekhono elimangazayo nabakwazile ukuhlala isikhathi eside emsakazweni njengoba ekuvezile ukuthi usebe emsakazweni iminyaka engamashumi amabili. Lentokazi…
KUGCWALE PHAMA KWAJACKSON EMNAMBITHI KUNANDISA UDRAKE
Siyabonga ukuthi uvakashele leli khasi! Namhlanje usuku olwaziwa ngokuthi i-April Fools Day! Usuyinxenye yezisulu! UBE NOSUKU OLUHLE LOMNDENI!
SEKUBOSHWE ABANGAPHEZU KWENKULUNGWANE EMIGWAQENI YAKULELI NGALEMPELASONTO YEPHASIKA
Bangaphezu kuka-1 000 abasebenzisi bomgwaqo asebeboshiwe kwaboshwa nezimoto ezingu-900 ngamaphoyisa asebenza ezweni lonke ngempelasonto. Ngokusho kokhulumela iRoad Traffic Management Corporation, uSimon Zwane, ukuboshwa kwalaba kuhlobene namacala ahlukene okuhlanganisa ukushayela uphuzile, izincwadi zokushayela…
KUCELELWA USIZO UMTWANA WAKWAZULU-NATALI ONESIFO SOMDLAVUZA WOMNKANTSHA
Kucelwa umphakathi ukuthi usize ukusindisa impilo ka-Wandiswa oneminyaka engu-11 ubudala, intombazanyana yaKwaZulu-Natal owatholakala ukuthi unesifo somdlavuza ohlasela igazi kanye nomnkantsha owaziwa phecelezi nge-Acute Myeloid Leukemia (AML). Waqala ukutholakala ene-AML ngoDisemba 2023. Izimpawu…
UBOSHELWE UKUSHAYELA EPHUZILE OSHAYISE IMOTO KAZUMA
Kuboshwe owesilisa engozini yemoto ebandakanya owayengumengameli uJacob Zuma, kusho amaphoyisa ngoLwesihlanu. UZuma nabavikeli bakhe baphume bengenamyocu kule ngozi eyenzeke ngesikhathi elibangise eShowe KwaZulu-Natal. Ingozi yenzeke ngezithuba zabo-18:30 ku-R66, kusho okhulumela amaphoyisa uBrig…
YEHLULEKE YANCAMA I-ABC UKUKHIPHA UNDLOVU ENDUMENI
Ugcine uhlalile umhlangano womkhandlu waseNdumeni lomhlangano uzokhipha umeya kamaspala wase Ndumeni uSyabonga Ndlovu. Iqembu Abantu Batho Congress (ABC) belifake incwandi yokungabuthembi ubuholi buka Ndlovu NjengeMeya yaloya mkhandlu. Lencwadi ifakwe ikhansela uMbulelo Phakathi….
BANGU 45 ABADLULE ENGOZINI YEBHASI ELIMPOPO
Kushone abantu abangu 45 engozini yebhasi ebelithwele abantu abasuka eBotswana belibangise eMoria eLimpopo enkozweni. Lengozi yenzeke kuR518 ngaseMakopane emgwaqeni uMamatlakala izolo ebusuku. Lelibhasi belithwele abagibeli nakho konke abebezokudinga phambili okufana nezitofu nokunye…
KUDUBULANE ABAQAPHI BEZIKHULU ZIKAMASPALA UMHLATHUZE
Kushone abantu ababili esigamekweni sokudubulana okwenzeke eRichards Bay Civic Centre namhlanje (ngoLwesine) ekuseni. Umufi wokuqala kubikwa ukuthi ungunogada weMenenja kaMasipala, uMnuz Nkosenye Zulu kanti omunye unogada odutshulIwe ezitebhisini zaseCivic Centre, ugada uMeya,…