Lowo owayenguSomlomo wePhalamende, uNosiviwe Mapisa-Nqakula, ufike esiteshini samaphoyisa eLyttelton eCenturion ngoLwesine ekuseni ezozinikela. Usulile esikhundleni sakhe esiShayamthetho ngoLwesithathu ngemuva kokuthi iNkantolo eNkulu yasePitoli isichithile isicelo sakhe esiphuthumayo sokuvimbela ukuboshwa kwakhe ngamacala enkohlakalo….
BAQHINQE NGAPHANDLE KWAMASANGO ESIKOLE ABAFUNDI ELOSKOP
Kumile ukufunda eskoleni iMpumelelo High School eLoskop eNgonyamemi njengoba oThisha kanye nomphakathi bekhala ngoThishanhloko Umphakathi usola uThisha omkhulu ukuthi wadlisa ingane imbuzi engaziwa ukuthi yahlatshwa kuphi,nini zisekhempini kamatikuletsheni ngo2023 nokuthi akasafuni ingane…
IYA NGOKUVUTHWA INDLELA EBHEKE EHLATHINI KWI RICHARDS BAY FC
Iqembu le Richards Bay FC eligijima kwisigaba se Dstv-premiership lingazithola seligijima kwisigaba esingaphansi kwalesi sigaba (Motsepe league) nge Season ezayo Uma lingaqhamuki namasu amasha ngokukhulu ukuphazima kweso. Lokhu kuza ngemuva komuphumela wayizolo…
UMENGAMELI UGUNYAZE I-SIU UKUTHI IPHENYE NGENKOHLAKALO NGOKWAKHIWA KWAMITAPO YOLWAZI E-KZN
UMengameli uCyril Ramaphosa usegunyaze uPhiko Olukhethekile Oluphenya Ngomthetho (i-SIU) ukuthi luphenye inkohlakalo nokungaphathi ngendlela eMnyangweni wezeMidlalo, ezobuciko, namaSiko KwaZulu-Natal mayelana nokwakhiwa kwemitapo yolwazi eyisishiyagalolunye kanye nokuhlinzekwa kwezincwadi.Uphenyo luzobheka izinqubo zokuthengwa kwempahla, izinkontileka,…
AMAPHOYISA ACELA UKUFUNISWA INTOMBAZANE EAHLEKILE
Amaphoyisa ase-Ematimatolo acele usizo lokuthungatha u-Amanda Wendy Dladla (21) wase-Eshane, eGreytown. Waduka phakathi kukaMashi 9-11 kanti wagcina ukubonakala ehamba nomngani wakhe, egqoke ibhulukwe elimnyama nesikibha esimpunga. “Ngokusho kukamngani wakhe egcina ukumbona wayephuzile…
ICHIEFS NETHUBA LOKUBUYISA ISITHUNZI EMDLALWENI WANAMUHLA
Loyo oyibambamqeqeshi eqenjini leKaizer Chiefs Calvin Johnson uthi unethemba lokuthi ezakhe zizokwazi ukuwasebenzisa amathuba ezizowakha namuhla kungafani nangempelasonto esiphuma kuyona njengoba behluleke bancama Abafana bakhe e – Athlone Stadium ukuthola igoli phezu…
AMAPHOYISA ASEDANDI ASHAQE INQWABA YEZIKHALI EZINGEKHO EMTHETHWENI NGEMPELASONTO
I-SAPS ishaqe inqwaba yezinhlamvu ezingekho emthethweni nezibhamu ezintathu ngesikhathi somkhankaso ‘wePhasika Eliphephile’ obuqhutshwa esiFundeni saseMzinyathi.Ngaphandle kokuthathwa kwezibhamu nezinhlamvu ezingekho emthethweni, i-SAPS iphinde yavala amashibhi angekho emthethweni amaningi, yathatha nezikhali eziyingozi njengemimese yaphinde…
ISANTACO NOHLELO OLUSHA LOKUBHALISA ONLINE UMA UZOHAMBA AMABANGA AMADE
Inhlangano yamatekisi iSouth African National Taxi Association (SANTACO) ithi ihlela ukwethula uhlelo olusha oluzovumela abagibeli ukuthi babhukhe izihlalo uma behamba amabanga amade nge-internet. Amatekisi kubikwa ukuthi ayindlela esebenza kahle futhi engabizi kakhulu,…
ABAMATEKISI BATHI ABAKANQUMI NOMA BAYENYUSE YINI INTENGO YOKUGIBELA AMATEKISI
Inhlangano yamatekisi iNational Taxi Alliance ithi ayikasithathi isinqumo sokuthi bazoyinyusa yini imali yokugibela, kulandela ukukhuphuka kukaphethroli ngoLwesithathu. UMnyango weMineral Resources and Energy uthi uphethiloli uzonyuka ngo-65 cents ilitha ku-93 unleaded no-67 cents…
BAYAZIQHALULA ABAKWAGCABA EKUBANDAKANYEKENI KOLUKA -AKA
Njengoba isicelo sebheyili sabasolwa abahlanu abasolwa ngokubulala uKiernan ‘AKA’ Forbes noTebello ‘Tibz’ Motsoane siqhubeka eNkantolo yeMantshi yaseThekwini namuhla, inkampani yomndeni wakwaGcaba iBright Circle ikhiphe isitatimende ngempelasonto esithi bazimisele ukuthi basebenzisana nohlelo lwezobulungiswa….
UYAVELA NAMUHLA UMLISA OWASHAYISA IMOTO KAZUMA NGELEDLULE
Umsolwa osolwa ngokushayisa imoto yowayenguMengameli Jacob Zuma uzovela okokuqala enkantolo ngoLwesibili ekuseni eNkantolo yeMantshi yaseShowe, enyakatho neKwaZulu-Natal. Umsolwa uboshwe ngemuva kwemizuzu embalwa eshayise ujenga lwezisebenzi zikaZuma, ebezilibangise emzini wakhe oseNkandla ziphuma eShowe…
IMIBONO YABAFUNDI: NGIKHATHAZEKILE NGOKUNGCOLA KWALERENKE YASEMNAMBITHI
Mhleli Ngibhala lencwadi Njengesakhamuzi saseMnambithi esikhathazekile kakhulu ngendlela ekugcole ngayo lapha kuleRenke yamatekisi esedolobheni uMnambithi okuma kuyo amatekisi aya eZakheni, Steadville kanye nezinye izindawo maqondana nesitolo sakwaMackson’s. Indlela osomabhizinisi abasebenzela kuleyarenke abangamanuku…