Njengoba isicelo sebheyili sabasolwa abahlanu abasolwa ngokubulala uKiernan ‘AKA’ Forbes noTebello ‘Tibz’ Motsoane siqhubeka eNkantolo yeMantshi yaseThekwini namuhla, inkampani yomndeni wakwaGcaba iBright Circle ikhiphe isitatimende ngempelasonto esithi bazimisele ukuthi basebenzisana nohlelo lwezobulungiswa.
Ngesonto eledlule lolu daba luke lwashuba ngendlela ebingalindelekile ngesikhathi inkantolo izwa ukuthi imali okusolwa ukuthi ikhokhelwe abasolwa ngokubulala yaqhamuka kwesinye sezikhulu zamatekisi esifundazweni, uMnuz Mfundo Gcaba.
UForbes noMotsoane badutshulwa babulawa ngaphandle kwesitolo sokudla eThekwini ngonyaka odlule.
Esitatimendeni esifungelwe esifundwe enkantolo ngeledlule, umphenyi uDetective Bob Pillay uveze ukuthi imali engu-R800 000 yasuswa eBright Circle yayiswa kuMziwethemba Gwabeni.
Isitatimende siphinde sathi ukuhwebelana kwezimali phakathi kukaGcaba noGwabeni bekungokwebhizinisi kuphela.
UGwabeni kukholakala ukuthi nguyena ugqondongqondo ekubulaweni kuForbes noMotsoane.
UPillay uthe inkokhelo yenziwe ngemuva nje kokuthi uGwabeni eshayele uGcaba ucingo ngemuva kosuku lokubulala.
Ngesonto eledlule, inkantolo iphinde yezwa ukuthi idlanzana labasolwa liyamaniswa nodlame lwamatekisi kwamanye amacala.
UMbuso uzoqhubeka nokuhola ubufakazi bawo namhlanje ekuseni.