Mhleli
Ngibhala lencwadi Njengesakhamuzi saseMnambithi esikhathazekile kakhulu ngendlela ekugcole ngayo lapha kuleRenke yamatekisi esedolobheni uMnambithi okuma kuyo amatekisi aya eZakheni, Steadville kanye nezinye izindawo maqondana nesitolo sakwaMackson’s.
Indlela osomabhizinisi abasebenzela kuleyarenke abangamanuku ngakhona iyathusa ikakhulukazi laba abathengisa umbila kuleya ndawo.
Balahla amakhasi ombila phansi akukhombisi ukuzithanda nenhlanzeko nje. Lapha kunemikhukhu edayisa nokudla okuphekiwe kodwa leliphunga elinuka lapha alikho lihle kwabanye abasebenza ngokudla.
Bese kuba yilaba bokufika nabo abanye abanezindawo ezingahlanzekile futhi ayilungiswe indaba yokutholwa kwezimvume zokuzebenza.
Kanti nomaspala nezikhulu zemikhandlu ake ziyeke ukuzikhukhumeza kezihambe ngezinyawo zizulazule zibheke ukuthi idolobha linjani.
Siyabonga
Okhathazekile