Lowo owayenguSomlomo wePhalamende, uNosiviwe Mapisa-Nqakula, ufike esiteshini samaphoyisa eLyttelton eCenturion ngoLwesine ekuseni ezozinikela. Usulile esikhundleni sakhe esiShayamthetho ngoLwesithathu ngemuva kokuthi iNkantolo eNkulu yasePitoli isichithile isicelo sakhe esiphuthumayo sokuvimbela ukuboshwa kwakhe ngamacala enkohlakalo.
Ngesikhathi engungqongqoshe wezokuVikela, uMapisa-Nqakula kusolakala ukuthi wathola intshontsho lika-2.3-million wamarandi emalini evela kusonkontileka wezokuvikela.
Uziphikile lezi zinsolo.
Encwadini yakhe yokwesula, uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula uthe unqume ukuhoxa esikhundleni ukuze ahloniphe isithunzi sePhalamende agxile ophenyweni lwakhe.
“Ngenxa yobucayi bezinsolo ezikhulunywa ngami, ngeke ngikwazi ukuqhubeka nale ndima,” kubhala yena. I-ANC income uMapisa-Nqakula ngokuvikela isithunzi sakhe ngokuhoxa ngaphambi kokuthi acelwe ukuba enze lokho.
“Siyakwazisa ukuzibophezela kwakhe ekugcineni isithunzi senhlangano yethu,” kusho iqembu.
Kepha encwadini yakhe, lo wesifazane, 67, ugcizelele ukuthi isinqumo sakhe “akusiyona inkomba noma ukuvuma ukuthi unecala”.
“Ngiyabugcina ubumsulwa bami futhi ngizimisele ukubuyisela isithunzi sami esihle,” ebhala.
IPhalamende lithe esikhundleni sikaSomlomo kuzongena iphini lakhe, uLechesa Tsenoli.
UMapisa-Nqakula uke waba ngungqongqoshe wezokuVikela phakathi kuka-2014 no-2021 ngaphambi kokuba aqokwe njengoSomlomo nokuyinto edale ukugxekwa okukhulu kwamaqembu aphikisayo.
Ngaleso sikhathi, wayegxekwa ngokubonakala engafaneleki ekuphenduleni isiphithiphithi esabulala abantu abangaphezu kuka-300.
Ungowakamuva ochungechungeni losopolitiki abaphezulu be-ANC, okuhlanganisa nomengameli kanye nephini likamengameli, abazithola bebhekene namahlazo okukhwabanisa.
Abantu baseNingizimu Afrika babheke okhethweni lukazwelonke nolwezifundazwe ngoMeyi 29.