UDkt Irvin Khoza usigcinile isikhundla sakhe njengosihlalo weNational Soccer League eminyakeni emine ezayo. Ukhoza ubesephethe iligi kusukela ngo-2003. Abanye abaphathi bamaqembu abane nabo bazigcinile izikhundla zabo ekomidini eliphezulu elisha. Kuphinde kwaqokwa uKaizer…
KULIMALE ABABILI KUPHANGWA IMOTO YEMALI KUTHELAWAYEKA U-N2
Onogada ababili abalimele ngesikhathi kuphangwa imali yemoto ogwini olusenyakatho bayalulama esibhedlela. Kukholakala ukuthi bahlaselwe yizigelekeqe emgwaqeni u-N2 ngaseMandeni ngoLwesibili ebusuku. Izithombe ze-video zalesi sigameko, ezishuthwe abashayeli, sezisakazwe ezinkundleni zokuxhumana. Isiqeshana esisodwa sathwebula…
AWENEME APHIKISAYO NGONGAHLE AQOKWE NJENGEMEYA ENDUMENI
NgoLwesine kuzoba nokhetho olusha lobumeya eNdumeni, kulandela ukwesula kweMeya uMnuz Siyabonga Ndlovu. Nokho abaholi bamaqembu aphikisayo bakhathazekile ngalowo okuthiwa angase abekwe ngaphansi kweqembu le-IFP abathi akanawo amava omkhandlu futhi angase aphathwe yizikhulu…
KUZOPHENYWA NGEPHOYISA ELIBONAKALE LIVULELA ISIBHAXU KUMLISA OTHILE ETHEKWINI
UKhomishana wamaPhoyisa eKZN, uMnuz Nhlanhla Mkwanazi, uyalele ukuthi kuphenywe iphoyisa elibanjwe yikhamera lishaya owesilisa. Kulesi siqeshana esisabalale ezinkundleni zokuxhumana iphoyisa libonakala lishaya ngempama lishova le ndoda endaweni yasePhoyinti eThekwini. Okhulumela amaphoyisa esifundazweni,…
BAQOLWE ISAMBA SIKA-R250 000 ABESIFAZANE BEHLASELWA BEHLUKANISA ISITOKUFELA
Owesifazane waseVhembe, eLimpopo, ukhungathekile ngemuva kokwebiwa kwezimali zeqembu lesitokofela ngesikhathi lilungiselela ukuhlukanisa imali yamaholide. “Angazi ukuthi ngizobhekana kanjani nezingane zami kulo Khisimusi,” esho ekhala izinyembezi ukuthi yonke imali eziyisebenzele kanzima isiphelile. Iqembu…
UFUNA ZIVALWE ZONKE IZITOLO ZABOKUFIKA UMPHAKATHI WAKWAMASHU EMVA KOKUTHOLAKALA KWEPHAKETHE LAMASNACKS LINAMAPHILISI
Uthukuthele ugane unwabu umphakathi waselokishini lakwaMashu eThekwini emva kokutholakala kwamaphilisi ephaketheni lamaSnacks adayisa kwesinye sezitodlwana esiyisiPhaza. ngokwemibiko kuthiwa enye yezingane ithenge amasnacks kwesinye salezi zitolo ngesikhathi isendleleni ilibhekise esikoleni, nokuthe uma ilivula…
KUDUTSHULWE KWABULAWA OWESIFAZANE ENDAWENI YASEMBUZWENI EMNAMBITHI
Usathuthumela umphakathi wasendaweni yasembuzweni eMnambithi ngesigameko sokudutshulwa kubulawe owesifazane namuhla ekuseni kulendawo. Ngokwemibiko yabazibonele, kuthi lona wesifazane ubeme esitobhini okusolakala ukuthi ubelinde izimoto zokuhamba ngesikhathi kuqhamuka umlisa okusoalakala ukuthi bayizilobo naye maqede…
UKELLY KHUMALO USEMEMEZELE UKUTHI USENGUKHOKHOVULA LWENYANGA ENGASHAYI ECELENI
U-Kelly Khumalo ungumelaphi wendabuko ngokusemthethweni U-Kelly Khumalo ugubha izigigaba eziningi ngoNovemba, ecabanga ngokukhula kwakhe ngesasasa. NgoMsombuluko, lo mculi waseNingizimu Afrika ubehlanganisa iminyaka engu-40 ubudala futhi wamemezela ukuthi uzothweswa iziqu zakhe njengenyanga (inyanga…
KUTHE AKAHLANYE UMBHORO ENQATSHELWA UKUKHULEKA ENKANTOLO
Ozibiza ngomphrofethi, uPaseka ‘Mboro’ Motsoeneng, utshele izintatheli ngaphandle kweNkantolo yeMantshi yasePalm Ridge ukuthi kuyilungelo lakhe likaNkulunkulu ukuthandaza enkantolo. Lokhu kungemuva kokuba iMantshi u-Ipfi Mammburu emcele ukuthi ayeke ukuthandaza futhi ambheke. UMboro, osolwa…
INHLANGANO ELWELA AMALUNGELO ABANTU ITHI IPHOXEKILE NGESINQUMO SIKAHULUMENI SOKUMISA UKUTHENGISWA KOKUDLA EZIKOLENI.
Inhlangano yomphakathi iKopanang Africa Against Xenophobia (KAAX) isizwakalise ukungahambisani nesinqumo sikahulumeni sokumisa ukuthengiswa kokudla emagcekeni esikole. Lesi sinyathelo senziwe ngemuva kokuthi izigameko eziningi zokugula okutholakala ekudleni zithinte amakhulu abafundi ezifundazweni eziningana. I-KAAX…
UHULUMENI USOLA IZIBULALI-ZINAMBUZANE EZISETSHENZISWA EZIKOLENI NGOKUFA KWEZINGANE ZESIKOLE
UNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo, uSiviwe Gwarube, uthi sebeluqalile uhlelo lokuvala ukusetshenziswa kwezibulala-zinambuzane ezikoleni. Lokhu kulandela ukwanda kwezigameko zezifo ezitholakala ngokudla ezikoleni. Uhulumeni wesifundazwe saseGauteng umemezele ukuthi zingu-23 izingane ezishonile kulesi sifundazwe ngenxa yezifo…
LIGWETSHWE IMINYAKA EYISISHIYAGALOLUNYE IPHOYISA ELATHATHA INTSHOTSHI LIKA R5000 UKUZE LIQHUBEKE NOKUPHENYA ICALA
Owake waba yilungu leSouth African Police Services (SAPS) ugwetshwe iminyaka eyisishiyagalombili ebhadla ejele yiSpecialized Commercial Crimes Court ePalm Ridge ngoMsombuluko ngokwamukela isifumbathiso sika-R5 000 ukuze kwenziwe uphenyo. Icala elibhekene noGregory Edmund Beck,…