Idolobha uMnambithi nezindawo ezakhele lelidolobha libalwa namanye amadolobha ahamba phambili ngobugebengu esifundazweni. Lokhu kuvezwe umphathi siteshi samaphyisa esisedolobheni eMnambithi uSgaxamabhande uMngadi.
uMngadi uthi minyaka yonke lelidolobha lisuke likhona kuhlu lwamadolobha angu -30 ahamba phambili ngobugebengu esifundazweni saKwaZulu-Natal. Usho kanje emkhulekweni wokukhulekela ubugebengu obuhlwe amaphoyisa obubanjelwe ezinkundleni zezemidlalo iKandahar khona kuleli dolobha.
“Njalo uma kubizwa iziteshi zamaphoyisa ukuzobuzwa ukuthi kwenzakani, ubugebengu bangaka asisali isiteshi saseMnambithi. lokhu kukutshela ukuthi sinenkinga enkulu yobugebengu. Eziteshini zizonke eKZN ezibalelwa ku 200, Lesi saseMnambithi sihlale sikwangamashumi amathathu abhekana nobugebengu kakhulu,” kusho uMngadi.
Kucelwe umphakathi ukuthi ubambisane nomphakathi ukulwa nalesi sihlava.