Abasolwa abangu-11 bavele eNkantolo yeMantshi yaseBloemfontein ngezinsolo zokuphanga ezenzeke enkabeni yedolobha iBloemfontein ngesonto eledlule. Abasolwa ababili bebemelwe ngummeli wabo engekho njengoba inkantolo ilalele ukuthi balaliswe esibhedlela kulandela ukuboshwa kwabo.
Abasolwa babhekene necala lokubamba inkunzi kanti umsolwa ongunombolo 11 obhekene namacala amabili okwamukela izimpahla okusolakala ukuthi zebiwe nenkohlakalo.
Inkantolo ilalele ukuthi abasolwa bamataniswa namacala okubamba onkunzi okufaka naleli levidiyo eyasabalala ngeledlule ekhombisa ukugetshengwa okwenzeka emini kabha enkabeni yedolobha iBloemfontein.
Inkantolo ilihlehlisele uMsombuluko ozayo icala ukuze kufakwe isicelo sebheyili esisemthethweni kanye nokuqinisekiswa kwamakheli abamangalelwa.
Amavidiyo amabili abonisa ukuhlaselwa okunodlame kwezisulu asabalele ezinkundleni zokuxhumana. Kwesinye isigameko, owesifazane ubonakala ekhishwa ngendluzula emotweni ngesikhathi ezama ukulwa nequlu lamadoda okungenani amahlanu abonakala embamba inkunzi.