Imiphakathi yaseThembisa naseSoweto esifundazweni saseGauteng ibhekene nenkinga enkulu yezimpukane kusukela ngoDisemba wonyaka odlule.
Izakhamizi zithi lezi zimpukane zinenkani azifi ngisho zifuthwa ngezibulali zinambuzane. Lezi zimpukane zingena ekudleni kwabantu ngisho nasefrijini, okwenza kube nzima ukugcina ukudla kuhlanzekile futhi kuphephile.
Abadayisi basemgwaqweni nabo bathinteka kakhulu, ikakhulukazi labo abadayisa inyama. Izimpukane zibuthana eduze nezindawo zabo zokuthengisa, okwenza kube nzima ukugcina ukudla kukusha futhi kukhanga amakhasimende. Omunye umthengisi uthe, “Izimpukane ziningi kakhulu, futhi silahlekelwa amakhasimende ngoba abafuni ukuthenga ukudla okumbozwe yizimpukane.”
Umphakathi ukhathazekile ngezingozi zempilo njengoba izimpukane zingathwala amagciwane futhi zigulise abantu. Bacela usizo lokuthola isisombululo kule nkinga.
“Asikaze sibe nezimpukane kanjena, sidinga umasipala ungenelele usisize,” kusho esinye isakhamuzi.
Izakhamuzi zinethemba lokuthi ochwepheshe bazophenya ngembangela yale nkinga yezimpukane futhi bazisize ziqede ngokuphelele izinambuzane.
Yhooo kwaze kwanzima ngoba zizogulisa abantu, ase thembe luzothokala usizo maduze
Kubukeka ngathi yonke indawo ngoba nasekzn zikhona sicela kufuthwe mhlaba woke