I-Absa, Wesbank, kanye ne-Standard Bank basanda kwaziswa umphenyi ozimele mayelana nezenzo zokukhwabanisa ezihlanganisa nokusetshenziswa kwezincwadi zokukhokhelwa kwezimoto emabhange.
Ngokophenyo kusolwa ukuthi kukhona abantu abashintsha amaphepha ahlobene nezivumelwano zezimali zezimoto bezama ukuqamba amanga okuthi lezi zimoto azikho ngaphansi kohlelo lokukhokhelwa yibhange. Inhloso kubukeka kuwukuthutha lezi zimoto ngokungemthetho ziwele imingcele yaseNingizimu Afrika.
Amabhange agcizelela ukuthi izenzo enjalo azikho emthethweni futhi zephula imigomo yezivumelwano zezimali. Ngokwezinkontileka, zonke izimoto ezixhaswe yisikhungo sezimali njengamabhange zihlala ziyimpahla yezikhungo esemthethweni kuze kube yilapho imali ebolekiwe isikhokhiwe ngokugcwele. Noma yimuphi umzamo yokushintsha lokho noma ukusiza ukuhamba kwazo ziwela imingcele ngaphandle kokugunyazwa okucacile kuthathwa njengecala lobugebengu.