UKhomishana wamaPhoyisa eLimpopo, uLt General Thembi Hadebe ukwamukele ukuboshwa kwabasolwa abahlanu abamataniswa nezigameko zokubulawa kwabantu emgwaqeni onguthelawayeka uN1 ngasekuqaleni konyaka. Lokhu kuboshwa kubukeka njengegxathu ekubhekaneni nokuhlaselwa kwabashayeli nabagibeli esifundazweni. Okhulumela amaphoyisa uCol…
KUHLONISHWE AMAPHOYISA OMGWAQO ASHONA ESEMSEBENZINI
Imindeni yamaphoyisa omgwaqo angama-69 alahlekelwa izimpilo zawo esemsebenzini ihlangane e-Boekenhoutkloof Traffic College eTshwane ukuhlonipha nokukhumbula ukuzidela kwawo. Lo mcimbi ubuhanjelwe yiPhini likaNgqongqoshe wezokuThutha uMnuz Mkhuleko Hlengwa noNdunankulu waseGauteng uPanyaza Lesufi abadlulise amazwi…
UMONGAMELI UJUBE AMASOTSHA ANGU 1100 UKULWA NENKINGA YABAVUKUZI ABAGEKHO EMTHETHWENI
UMongameli Cyril Ramaphosa usetshale amasosha ayi-1 100 eMbuthweni Wezokuvikela Kazwelonke waseNingizimu Afrika ukusiza amaphoyisa ekulweni nanbavukuzi abangekho emthethweni. I-SANDF yazise ikomidi elimele ezokuvikela ephalamende ngoLwesihlanu ngaloludaba. Ngonyaka odlule, amasosha angu-3 300 atshalwe…
BASALE DENGWANE KUSHA IMIKHUKHU ENGAPHEZU KUKA-80 ETEKWINI
Bangaphezu kuka-120 abantu asebesale dengwane ngemuva kokuqubuka komlilo emijondolo eningizimu yeTheku. Ithimba lezinhlekelele kuleli dolobha liphendule esigamekweni esenzeke emijondolo yaseMangaunge ngoLwesihlanu. Okungenani kucekeleke phansi izakhiwo ezingu-80 izolo ntambama ngenxa yomlilo oshiye abahlali…
KUSHONE OYEDWA KUQHUNYISWA I-ATM EROODEPORT EGOLI
Amaphoyisa athungatha abalisa ababhomu i-ATM esiteshini sakwaSasol Mozart ekuseni. Ukuqhuma kwe-ATM kunyakazise umphakathi waseRoodepoort kanye nabasebenzi bamashifu ebusuku egalaji likaphethiloli iSasol Mozart kuPaul Kruger Road noMozart Street. Ngezithuba zabo-02:00 ekuseni, amaqembu omphakathi…
KUTHOLAKALE NEZIBHAMU KUBOSHWA ABOKUFIKA ABADAYISA UKUDLA OKONAKELE EMTSHEZI
Okungenani abanikazi bezitolo abayisikhombisa abangenazo izincwadi zabokufika abasolwa ngokudayisa ukudla osekuphelelwe yisikhathi enyakatho ye-KZN basezitokisini. Lokhu kushiwo yiziphathimandla ezithi leli qembu libanjwe yithimba eliphenya izinga lokudla okudayiswe eMtshezi ngoLwesithathu. Kuthiwa baphinde batholakala…
IBUYELE ESIGODLWENI INDLOVUKAZI YAMAZULU EMVA KOKUNYAMALALA ISIKHATHI ESICISHE SIBE NGUNYAKA
Indlovukazi uNtokozo kaMayisela ibuyele esigodlweni sakwaZulu ngemuva kokunyamalala isikhathi esingangonyaka. Wanyamalala lapho inkosi uMisuzulu kaZwelithini ethatha omunye unkosikazi. Manje usebuyile eSigodlweni saKwaNkomonye oLundi. Kuthiwa amalungu aphezulu omndeni wasebukhosini ameluleke ukuthi akwamukele ukuthi…
OBEZOMELA ELAKULELI KUMISS UNIVERSE USESHIYE PHANSI NGENXA YEMPILO ENTEKENTEKE
UMiss South Africa Organisation usekuqinisekisile ukuthi uMiss South Africa 2024, uMia le Roux, usehoxile emqhudelwaneni kaMiss Universe. Esitatimendeni esikhishwe ngoLwesihlanu ekuseni, le nhlangano ithe kungenxa yezinkinga zempilo. Umcimbi wama-73 kaMiss Universe usaqhubeka…
UCWANINGO LUVEZA UKUTHI ABANTU ABASHA BAKULELI BACWILE NGOKWEQILE EKUGEMBULENI
Iziphathimandla zihlabe umkhosi ngokwanda kokugembula entsheni yaseNingizimu Afrika. Okutholwe kamuva okuvela enkampanini yocwaningo lwemakethe ye-inthanethi, i-Infoquest, kubonisa ukuthi abagembuli abaneminyaka engu-18 kuya kwengu-34 babamba iqhaza ekugembuleni ku-inthanethi nokubheja kwezemidlalo isilinganiso sezikhathi eziyi-11…
ASENGCUPHENI OKUCINYELWA UGESI AMAKHASIMENDE KA-ESKOM ANGAPHEZU KUKA 50 000
Izinkulungwane zamakhasimende aseKZN asengcupheni yokungakwazi ukuthola ugesi uma engawavuseleli amamitha awo akhokhelwayo. I-Eskom isibuyekeze isihlonzi sethokheni. Ithi isofthiwe yamanje kumamitha evumela amadivayisi ukuthi afunde uma ithokheni isetshenzisiwe noma cha izophelelwa yisikhathi ezinsukwini…
KUBOSHWE UMFUNDI KAMATIKULETSHENI KUGWAZWA KUBULAWA OMUNYE UMFUNDI
Amaphoyisa abophe umfundi ka-matric ngecala lokuzama ukubulala. Lo mfundi uthathwe kulandela isigameko sokugwazwa ngaphandle kwesikole eMerebank, eningizimu yeTheku, ngoLwesithathu. Omunye umfundi ushiywe elimele kanzima. Okhulumela amaphoyisa eKZN uRobert Netshiunda uthe isikhwama sesikole…
BABHALE IMIBHALO EBHINQAYO ABABENGABASAKAZI BOKHOZI KUSHIYA OBENGUMPHATHI SITESHI
Kubukeka engathi baningi abajabule ngokwesula kwalowo obengumphathi siteshi womsakazo omkhulukazi kuleli Ukhozi FM okuvele izindaba zokwesula kwakhe izolo ngoLwesithathu. Izolo, abezindaba badedele izindaba zokwesula kukaSbongi Ngcobo kulomsakazo emva komhlangano obe khona obuhlanganisa…