Kube ngumzuzu ojabulisayo eNyuvesi yaseZululand (UNIZULU) eMpangeni, KwaZulu-Natal, umama, uThandekile Penelope Mthembu, nendodakazi yakhe, uNtombikayise Mthembu, bathweswe iziqu ndawonye ngosuku olulodwa ngesikhathi esifanayo. UThandekile uthole iPostgraduate Certificate in Education, kwathi uNtombikayise wathola iBachelor of Arts in Environmental Planning and Development. Bobabili abaKwesakaBiyela, impumelelo yabo ehlangene ibungaze ubudlelwano obuqinile nomndeni wabo nokubekezela.
UThandekile ongumama ongayedwana wayebambe ngamazinyo ekukhuliseni izingane zakhe nokuqhubeka nezifundo zakhe, ekhuthaza uNtombikayise ukuthi aphumelele ezifundweni. UNtombikayise uncome ukusebenza kanzima kukanina njengokumgqugquzela, ehlose ukumenza aziqhenye.
Ukuthweswa kweziqu kube yingqopha-mlando, njengoba uThandekile esenguthisha ogogodile kanti uNtombikayise uhlela ukuqhubeka nezifundo ze-Enviroment Planing. Lomgubho wowethweswa kweziqu obubanjelwe e-UNIZULU KwaDlangezwa Campus, ugqamisa amandla okuzimisela kanye nokwesekwa wumndeni, nokuthinta umphakathi njengobufakazi bokweqa imigoqo ngemfundo.