Uchwepheshe wezemfundo yezezimali ukhiphe isixwayiso kubathengi beBlack Friday. “Uma unezinto ongazidingi ngempela noma ungenazo izinto ozibekele isabelomali, mhlawumbe mhlawumbu kungakuhle ukuthi ungazihlanganisi neBlack Friday,” kusho uchwepheshe uSalemi Nyati weMomentum Group. Abanye abathengisi…
UCELE USIZO EMNYANGWENI UMEYA WASENQUTHU EMVA KOKUKHAHLANYEZWA YIMILILO YEQUBULA
Izikhulu zaseNquthu, enyakatho yeKwaZulu-Natal, sezicele usizo eMnyangweni wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu. Izinhlekelele ezihlobene nesimo sezulu kule minyaka emithathu edlule zishiye umphakathi ukhahlamezeke kakhulu. IMeya uLindokuhle Shabalala ithi izimvula ezinamandla zakamuva zenze isimo…
IZAKHAMIZI ZASEMNAMBITHI ZISHAYE UJENGA ZIYOBHALISELA AMAMITHA AMASHA KAGESI EHHOLO LEDOBHA
Izinkumbi zabantu baseMnambithi abasebenzisa ugesi wekhadi bashaye ujenga beyobhalisela amamitha amasha kagesi ehholo ledolobha namuhla. U-Eskom waseMnambithi uvule ihhovisi lesikhashana kuleli hholo emva kokuthi iningi labantu baseMnambithi bekhale ngokuthi mahhovisi alenkampani akude…
KUDUTSHULWE KWABULAWA ABALISA ABABILI BEDUBULANA NAMAPHOYISA EMPANGENI
Amaphoyisa KwaZulu-Natal adubule abulala abasolwa ababili esigamekweni sokudubulana ngaseMpangeni aphinde abopha abane abamataniswa nezigameko zokugetshengwa kwezindlu esifundeni. Ngesikhathi amaphoyisa enza umsebenzi ojwayelekile ngoMsombuluko, ahlangane neveni emhlophe ipakwe esimobeni ngaku-Old Mtubatuba Road. Ngesikhathi…
AFUNA KUNCISHISWE IZIKHATHI ZOKUDAYISA UTSHWALA NGODISEMBA AMAPHOYISA ASELIMPOPO
Amaphoyisa aseLimpopo acubungula ukubuyisela umthetho wokufinyezwa kwezikhathi zokudayiswa nokusabalalisa utshwala ukuze kubhekwane nokwenyuka kwezinga lobugebengu esifundazweni. IPhini likaKhomishana wesiFundazwe uMajor General Jan Scheepers ugcizelele ukuthi nakuba utshwala bungayona kuphela imbangela yezinkinga, kodwa…
UYALELWE UKUTHI AKHOKHE UR3.5 MILLION OWASABALALISA IZITHOMBE EZINQUNU ZOWAYEYINTOMBI YAKHE KUFACEBOOK
INkantolo eNkulu yaseGoli iyalele izithandani ukuba zikhokhe u-R3.5 million wamademeshe kowesifazane owayeyisisulu sokuziphindiselela ngezithombe zocansi nokudicilela phansi isithunzi. Owesifazane, obizwa ngo-Alison, wamangalela owayeyisoka lakhe, uMike, nomkakhe, uMartha, ngesenzo sabo kulandela ukuphela kobudlelwano…
KUTHOLAKALE UMZIMBA ONAMANXEBA OKUGWAZWA UNTANTA EMFULENI UTHUKELA
Kutholakale isidumbu sowesilisa emfuleni uThukela ogwini olusenyakatho. Ithimba lokusesha eSumdumbili lilande izinsalela zakhe ebezinamanxeba abonakalayo okusolakala ukuthi awokugwazwa. USamantha Meyrick we-IPSS Medical Rescue uthi lesi sidumbu sikhishwe emanzini ngoMsombuluko. “Umsolwa akaziwa ukuthi…
KUZOGCINWA NGEZITOLO ZO “MY FRIEND” UMA SEKUBHALISWA IZIPHAZA
IDolobha laseGoli lithi izipaza eziphethwe abantu abavela kwamanye amazwe zizoba ngezokugcina ukubhaliswa kulandela umyalelo kaMengameli Cyril Ramaphosa wokuthi kube nokuhleleka kulo mkhakha. NgoMsombuluko, amalungu enhlangano yomphakathi i-Operation Dudula aqoke emahhovisi kamasipala waseJabulani,…
BAVELE ENKANTOLO ABAYISITHUPHA ABAMATANISWA NOKUBULAWA KWENQWABA YABANTU KWAZULU NATALI
Isikhulu samaphoyisa eKZN, uNhlanhla Mkhwanazi, uthi sekunesikhathi abaseshi belandela umkhondo weqembu lezigelekeqe elimataniswa nezigameko ezibalelwa eshumini zokubulala nokudunwa kwezimoto eThekwini. Amalungu ayisithupha okuhlanganisa nosolwa ngokuba ngungqondongqondo bavele eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma ngoMsombuluko. “Ubunzima…
KUSOLWA IZIKHULU ZIKAMASPALA WASEMKHANYAKUDE NGOKUSHOBODELA UR150 MILLION WAMANZI
KUSOLWA izikhulu zikaMasipala wesiFunda uMkhanyakude ngokuqola imali elinganiselwa ku-R150 million ebekelwe uhlelo lwamanzi.Lezi zinsolo zivezwe nguNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana uMnuz Thulasizwe Buthelezi. Ekhuluma namakhulu ezakhamuzi zaseJozini ngeSonto, osekuphele iminyaka zilwa nezinselelo zamanzi. UButhelezi…
KUCELWA ABAFUNDI BAKAMATIKULETSHENI UKUTHI BABHIYOZE KAHLE UMA BEQEDA UKUBHALA
Umnyango usudonse ngendlebe abafundi ukuthi bagweme ukuhlela amaphathi “okugeza amapeni”, othi ajwayele ukuhambisana nemikhuba ehambisana nokuphuza ngokweqile, ukucekela phansi impahla kanye nokulimaza imifaniswano yesikole. Okhulumela lo Mnyango uMuzi Mahlambi uthi abazali bangasiza…
UVELE ENKANTOLO UMLISA OBEZENZA UMMELI IMINYAKA ENGU-9
Owesilisa owazenza ummeli iminyaka udalulwe njengowayekhululwe ngoshwele owakokotela izincwadi zakhe zomthetho ukuze amele amakhasimende enkantolo. UTeboho Motse, 41, ubevele phambi kwemantshi eNorth West, eziveza njengommeli. Nokho kuvele ukuthi walahlwa yicala lokubulala ngo-2009…