UMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal uziphikile izinsolo ezithi isibhedlela i-RK Khan eChatsworth sibeka phambili abantu bangaphandle abakhulelwe kunabesifazane baseNingizimu Afrika. Lezi zinsolo ziveza ukuthi iziguli zaseNingizimu Afrika zijikiswa noma zinqatshelwa imibhede ngenxa yokuba khona kwabokufika egunjini labakhulelwe.
Izikhulu zezempilo zenze ucwaningo ngokushesha zathola ukuthi, ezigulini ezingama-40 egunjini labakhulelwe, abane kuphela abangabakwamanye amazwe. Zonke iziguli ezilalisiwe zinakekelwa ngokufnayo, kungekho kushoda kwemibhede okwabikwa ngaleso sikhathi.
Umnyango ukucacisile ukuthi izinsiza zezempilo zihlinzekwa ngokwezidingo zezempilo, hhayi ubuzwe. Umthethosisekelo kanye nemithethonqubo yokunakekelwa kwezempilo idinga ukuthi usizo lwezokwelapha lunikezwe bonke abantu, kungakhathaliseki ukuthi bavelaphi, futhi izibhedlela zisebenza ngokuvumelana nale migomo.
Izikhulu zinxuse umphakathi ukuthi ungasabalalisi amanga angakhuthaza uqhekeko noma imizwa yokucwasa abokufika. Bakugcizelele ukuthi izinsolo ezinjalo ezingamanga zilimaza ubuqotho bohlelo lokunakekelwa kwezempilo kanye nokuphepha kweziguli nabasebenzi.
Umnyango usazibophezele ekuletheni impatho enobulungiswa nelinganayo kubo bonke abantu abafuna ukunakekelwa, futhi uyaqhubeka nokuqapha ukusebenza kwezibhedlela ukuze uqinisekise ukuhlinzekwa kwezidingongqangi esifundazweni sonke.