I-Absa, Wesbank, kanye ne-Standard Bank basanda kwaziswa umphenyi ozimele mayelana nezenzo zokukhwabanisa ezihlanganisa nokusetshenziswa kwezincwadi zokukhokhelwa kwezimoto emabhange. Ngokophenyo kusolwa ukuthi kukhona abantu abashintsha amaphepha ahlobene nezivumelwano zezimali zezimoto bezama ukuqamba amanga…
UMNAMBITHI UNGENYE YEZINDAWO EZIHAMBA PHAMBILI NGOBUGEBENGU E-KZN
Idolobha uMnambithi nezindawo ezakhele lelidolobha libalwa namanye amadolobha ahamba phambili ngobugebengu esifundazweni. Lokhu kuvezwe umphathi siteshi samaphyisa esisedolobheni eMnambithi uSgaxamabhande uMngadi. uMngadi uthi minyaka yonke lelidolobha lisuke likhona kuhlu lwamadolobha angu -30…
UNGQONGOSHE WEZEMFUNDO E-KZN UTHI NGEKE BANYUSELWE AMAHOLO OTHISHA
UNGQONGQOSHE wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka, useveze ukuthi uMnyango ngeke usebenzise isabelo sezimali sakamuva soMgcinimafa kuzwelonke ukubhekelela amaholo abasebenzi. Lesi sinqumo siza njengoba umnyango ususebenzisa imali eningi ekukhokheleni abasebenzi, okuwukhinyabeza amandla awo…
IHLASELE KWEZWAKALA IMONKEY POX EKURHULENI
Umnyango wezempilo waseNingizimu Afrika usuqinisekise amacala amathathu amasha aqinisekiswe elabhorethri e-mpox Ekurhuleni, eGauteng. Lokhu kulandela amacala amathathu angaphambili atholwe endaweni efanayo ekupheleni kukaFebhuwari, okuhlanganisa nomlisa owayeye e-Uganda. Amacala amasha ahlanganisa indoda eneminyaka…
LIHLEHLISELWE U-APRIL ICALA LABAKHWABANISA IMALI YEZAGUGA KWASASSA
Ukulalelwa kwesicelo sebheyili kwabasebenzi abayisikhombisa bakwaSouth African Social Security Agency (Sassa) nabanye abathathu kubambezeleke kuze kube u-Ephreli 1 ngoba bobabili abameli bombuso nabameli babasolwa bathi bebengakazilungiseleli ngokwanele ukuqula lelicala. Abasolwa abayishumi bafike…
SESIFINYELELE NASENYUKHASELA ISIFO SAMATELE EZINKOMENI
UNGQONGQOSHE wezoLimo uMnuz John Steenhuisen usenwebe indawo yokuLawulwa kweZifo (DMA) KwaZulu-Natal ngemuva kokutholakala kwezinkomo ezinamatele iFoot and Mouth Disease (FMD) eNewcastle. Amatele yisifo esibi kakhulu sezilwane esilawulwa uMthetho Wezifo Zezilwane ka-1984. Lo…
I-DA IFUNA KUGUNYAZWE UKUDAYISWA KOKUDLA OKUTHAKWE NGENSANGU
IDemocratic Alliance (DA) inxusa uMengameli Cyril Ramaphosa ukuba angenelele odabeni lwakamuva lokuvalwa kwemikhiqizo yokudla okunensangu, ixwayisa ngemiphumela yezomnotho. UNgqongqoshe Wezempilo u-Aaron Motsoaledi usanda kukhipha imithetho evimbela ukudayiswa, ukungenisa, nokukhiqizwa kokudla okufakwe insangu,…
LIYETHEMBISA IKHAMBI LENCULAZA ELIHLOLWA ETHEKWINI
Ososayensi baseThekwini benza inqubekelaphambili ekufuneni ikhambi le-HIV, ngemiphumela ethembisayo evela ocwaningweni lokuqala lwase-Afrika lokwelapha i-HIV. Liholwa wuHlelo Lwe-HIV Pathogenesis eNyuvesi yaKwaZulu-Natal, lolu cwaningo lubhalise abesifazane abangu-20 ukuthi bahlole i-complex immunotherapy, okuhloswe ngayo…
SIBUYELA ENKANTOLO ISIKHULU SIKA-IEC ESISOLWA NGOKWEBA OKHETHWENI LWANYAKENYE EMGUNGUNDLOVU
Icala elithinta uMnuz Musawenkosi Mnikathi oyisikhulu seKhomishini yoKhetho KwaZulu-Natal, i-IEC, lisaqhubeka nokudonsa amehlo njengoba libuyela enkantolo ngoLwesibili ekuseni. UMnikathi obeyimenenja yesikhungo sokuvota eMbali, eMgungundlovu, ngesikhathi sokhetho lukazwelonke ngo-2024, usolwa ngokweba izinsiza zokuvota….
KUZOMELE KUYEKWE UKUVOLONTIYELA UKHOZI FM EMISAKAZWENI YOMPHAKATHI
NAMUHLA umsakazo omkhulu kunayo yonke kuleli lengabadi ngabalaleli Ukhozi FM lumemezele uhlu lwezinhlelo zalo zonyaka ka 2025/2026. Lokhu kuhlale kungundabamlonyeni kubalaleli balomsakazo ngoba basuke befuna ukwazi ukuthi izinhlelo zabo abazithandayo zansuku zonke…
IPOSTBANK ISEBENZISE UR200 MILLION UKUFUDUKELA EMAKHADINI AMASHA AMNYAMA
Iposi selisebenzise imali engaphezu kuka-R200 million ukuthutha abasebenzisi bamakhadi egolide be-South African Social Security Agency (SASSA) bawafake kumakhadi amasha amnyama, ihambisana nesabelomali sayo esigunyaziwe sika-R300 million. Lokhu kumenyezelwe esithangamini nabezindaba ePitoli ngoMsombuluko,…
LIHLEHLISIWE ELOMFUNDISI OSOLWA NGOKUDLWENGULA AMALUNGU EBANDLA LAKHE
Icala lokudlwengula elibhekene nomholi webandla iRivers of Living Waters uMbhishobhi Stephen Bafana Zondo lihlehliselwe uLwesithathu ukuze ithimba labameli bakhe lithole isinqumo esiqinisekisa ukuthi unecala azoliphendula. UZondo ubhekene namacala angu-10, okuhlanganisa awokunukubeza ngokocansi…