Uzofihlwa kulempelasonto esiya kuyo uthisha waseDumangokuhle Primary School odutshulwe wabulawa esekhaya kubo ngoLwesine eledlule ntambama.
UMbali Sithole wasendaweni yase-Uitval eMnambithi okuthiwa ubesanda kufika ekhaya ephuma emhlanganweni wenyunyana yothisha iNATU ngesikhathi kugasela amadoda angaziwa ekhaya kubo. Lamadoda kuthiwa afike azenza amaphoyisa acela yena nokuthe uma ephuma ase amdubula ngoyaba lwenzinhlamvu phambi kwezingane zakhe nonina bebuka.
Umfowabo ophuthume endaweni yesigameko ngesikhathi ezwa kuqhuma isibhamu naye uthole uudubuleka kuthiwa usesibhedlela njengamanje.
Akukaziwa ukuthi ngabe yini imbangela yalokhu kuhlasela, bekungakaboshwa muntu kuze kube manje.