Bezijahana ngempeIa phakathi kweTS Galaxy naMaZulu FC kowandulela owamanqamu weCarling Knockout obubanjelwe eMoses Mabhida Stadium ngesonto ntambama ngehora lesithathu. Lamaqembu afake ugesi ngempela emdlalweni omnandi wamagoli amahlanu ogcine ngokuthi USuthu luguqe. AmaRockets…
KUBANJWE ABANTWANA ABANGU 445 BEQISWA UMNGCELE BENGENISWA KULELI
Amabhasi angu 42 abegcwele phama abantwana basezweni laseZimbabwe abanjwe esengaphakathi kuleli ngokungemthetho. Uphiko lwamaphoyisa aqapha imingcele kuleli iBoarder Management Authority (BMA) ithi labantwana abangaphansi kweminyaka elishumi bebegqishwe kulamabhasi ngaphandle kwabazali noma abanakekeli…
LUZODLA R2 MILLION UHLELO LOKUFAKWA KWEMISELE EPHAYIKENI
UNgqongqoshe wezokuthutha nokuphepha KwaZulu-Natal uMnuz Sipho Hlomuka wethule usonkontileka ozulungisa ama imiseleehamba amanzi eceleni komgwaqo uL1524 osendaweni yasePhayikeni ngempelasonto. uHlomuka uthi umgwaqo uL1524 sewakhiwe kodwa besekusele kulungiswe lemisele ukuze amanzi engeke abuye…
KUDUTSHULWE KWABULAWA INDUNA NENDODAKAZI YAYO EMNAMBITHI
Sekube nesinye isigameko sokubulawa ngesihluku komunye umholi wendabuko kulesi sifundazwe saKwaZulu Natali. Unkosikazi Duduzile Mchunu waseMnambithi endaweni yakwaQhibukhowe udutshulwe wabulawa ngoLwesine ebusuku esemzini wakhe kuyona lendawo. Kuthiwa kugasele amadoda angaziwa kulomuzi maqede…
ISIDUMO KUBANJWA INKUNZI ISITOLO SAKWABOXER E-UITVAL
Sekubanjwe inkunzi isitolo sakwaBoxer enxanxatheleni yezitolo endaweni yase Uitval ngaseKuvukeni ntambama nje. Kuthiwa lesi sigameko senzeke enxanxatheleni yezitolo eyaziwa ngokuthi yiseSigweje Centre ntambama namuhla. Abazibonele ngawabo bathi kufike amadoda abalelwa kwayisishiyagalombili ehlome…
ABAWUVALI UMLOMO ABEBEHAMBELE OWEBERGVILLE EXTRAVAGANZA
Kuze kwasa hluthu belokhu beshiyelane inkundla abaculi abadumile KwiBergville Extravaganza yakulonyaka. Lolu chunge chunge lemicimbi lwaminyaka yonke luhlelelwe ukugqugquzela ezokuvakasha kulendawo, uhlelwa uMaspala uKhahlamba ubanjwa njalo uma kuqala uZibandlela eBergville Sports Complex….
INKATHA ITHI MAYIVALWE IMICIMBI YOKUGEZA AMAPENI
Njengoba abafundi bakamatikuletsheni sebesemaphethelweni nezivivinyo zokuphela konyaka , ngokujwayelekile bayaye behlele imicimbi bebungaza ukuqeda ukubhala nabakubiza nge ” Pens Down” noma “ukugezwa kwamapeni.” Okhulumela iqembu Inkatha Freedom Party kwezemfundo kwaZulu-Natal uNkosikazi Thembeni…
IMIBONO | UBANI KANTI OVOTELA LOHULUMENI UMANGABE NONKE NIWUGXEKA?
Ngonyaka ozayo intaka ibekelwe amazolo futhi kuleli lengabadi njengoba sibheke okhethweni lukazwelonke lesishiyagalombili selokhu kwabusa umbuso wentando yeningi. Noma selithe ukwehla igidigidi nomfutho wokuvota kuleli uma kuqhathaniswa nezinketho zokuqala zentando yeningi, kodwa…
UMNYANGO UBUYISELE EMUMVA UR4.3 BILLION WESIBONELELO SAMA R350 ONGASEBENZANGA
Kuphoqeleke ukuthi sibuyele imumva isamba sika R4.3 Billion ebesinikezwe umnyango wezokuthuthukiswa komphakathi ukuze kukhokheleke abangasebenzi kuleli. Ephendula umbuzo welungu lephalamende leqembu le IFP uLiezl van der Merwe ephalamende obuthi kungani lesi samba…
BACISHE BABA NOKHISIMUZI “OMNANDI” EMNAMBITHI KUWA ILOLI LIKABHIYA
Azikakholwa namanje izakhumizi zaseMnambithi ezizicwilela kwezikaFaro ngemuva kokuba kugingqike iloli ebelilayishe utshwala bangathola ngisho idampi leli lobhiya. Izolo kugingqike iloli elithwala utshwala emgwaqeni ku N11 maduzane nasendaweni okuthiwa yiLimit Hill khona eMnambithi….
BANGU 90 000 ABANTWANA BESIKOLE ABAKHULELWE KULONYAKA
Ubelokhu ebabaze njalo ungqongqoshe wezokuthuthukisawa komphakathi kuleli uNkosikazi Lindiwe Zulu ethulelwa umbiko ngenani labantwana besikole abakhulelwe kulonyaka ka 2023 kuphela. Lombiko oshaqisayo wethulwe ngoLwesine ephalamende phambi kwekomidi labesimame bezinhlangano ezehlukene zepolitiki. Kulombiko…
KUZOGCWALA AMABHINCA ECHAPTERS LOUNGE KUZOLALELWA EKAMENZI
Intaka ibekelwe amazolo kubalandeli bomculo kaMaskandi eMnambithi njengoba bezothola ithuba eliyinqayezivele yokulalela icwecwe elisha sha likaMenzi mahhala. UMenzi ongowokudabuka khona kuleli dolobha ukhiphe icwecwe lakhe elisha phakathi kwamabili namhlanje elisihloko sithi Chabo….