Kuphoqeleke ukuthi sibuyele imumva isamba sika R4.3 Billion ebesinikezwe umnyango wezokuthuthukiswa komphakathi ukuze kukhokheleke abangasebenzi kuleli.
Ephendula umbuzo welungu lephalamende leqembu le IFP uLiezl van der Merwe ephalamende obuthi kungani lesi samba singafinyelelanga kubantu abafanelwe uR350 wesibonelelo, uNgqongqoshe womnyango wezenhlalakahle uNkosikazi Lindiwe Zulu uthe kudingeke babuyisele lesi samba semali emumva esikhwameni sezimali sikazwelonke ngenxa yokwehla kwenani labantu abayidingayo.
“Njalo ngenyanga siyahlola ukuthi abantu abanikezwa lesi sibonelelo bafanele yini basithole nokuthi izimpilo zabo azikabi ncono yini kunakuqala, uma sithola ukuthi sekukhona ubuncono kunasenyangeni eyedlule, siyayibamba kuleyonyanga siphinde sihlole futhi uma kungena isicelo esisha. Lokhu kudale ukuthi lehle kakhulu inani labantu abafanelwe ukuthola lesi sibonelelo kwezinye izinyanga, yingakho kunemali ekudingeke siyibuyisele emumva esikhwameni sezwe.” Kuchaza uZulu.
Babalelwa ku 8.5 Million abantu abathola lesi sibonelelo njalo ngenyanga kuleli. Uhulumeni wanquma ukusiqhuba noma isizathu esasiqalelwe sona ngempela singasekho nokwakuwubhubhane iCovid 19. Lesi sibonelelo sisanda kwengezelwa eminye iminyaka emibili kuze kube ube uNdasa 2025.