Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

IMIBONO | UBANI KANTI OVOTELA LOHULUMENI UMANGABE NONKE NIWUGXEKA?

Posted on 2 December 2023

Ngonyaka ozayo intaka ibekelwe amazolo futhi kuleli lengabadi njengoba sibheke okhethweni lukazwelonke lesishiyagalombili selokhu kwabusa umbuso wentando yeningi.

Noma selithe ukwehla igidigidi nomfutho wokuvota kuleli uma kuqhathaniswa nezinketho zokuqala zentando yeningi, kodwa izibalo zasakhombisa ukuthi likhona futhi liningi inani labakuleli elisakholelwa ekuvoteni. kulempelasonto esibuya kuyo, ikhomishana emele ukhetho kueli i-Independent Electoral Commission ivule izikhungo zayo yamema izakhamizi zakuleli ukuthi zibe ziqala zibhalisela ukuvota. Ngokombiko owethulwe yilekhomishana uveze ukuthi izinkumbi zabantu zikubhalisele ukuvota, okuwuphawu lokuthi cha baningi futhi abazovota kulonyaka ozokwethwasa.

Cha begithi ngizowugodla lombono wami ngize ngiwudedele ngonyaka ozayo emva kokhetho, kodwa ke ngabuye ngathi chabo, ngithuleleni ngoba phela iData ikhona?

Sengibe sezindaweni eziningi nabantu abehlukene abavela ezindaweni ezehlukene kuleli lakithi. Akunandaba ukuthi ngikuphi nobani futhi ongakanani, uma kuke kwavuka indaba ethinta uHulumeni wakuleli, wonke umuntu ukhombisa ukungenami ngendlela ophethe ngayo izwe. Babodwa ababuza ukuthi kanti loHulumeni usikhumbula nini singabantu, abanye bakhala ngenkohlakalo, abanye ngokubanjwa ngobhongwane kwawo, abanye babona igebe elikhulu phakathi kwawo nabantu, uma ngingaqhubeka ngibale kungaphela lona iData leli engiqhoshe ngalo. Kokho konke loku okugqamayo ukuthi abantu abeneme nhlobo indlela lohulumeni ophethe ngayo. Umbuzo engihlala ngisala nawo njalo yilona othi, uma ngempela bonke abantu bengeneme ngalohulumeni, pho ubani owuvotelayo njalo uma kunokhetho?

Yize noma seziqine kakhulu izikhalo ngoHulumeni kulezi zinsuku, kodwa sekuneminyaka abantu bekuleli bezwakalisa ukungenami ngendlela izwe eliphethwe ngayo, kodwa uma kufika ukhetho baphinde bawubuyisele emandleni futhi.

Lenkinga ngiqale ngayibona komakhelwane bethu iZimbabwe. Abantu baseZimbabwe bebekhala mihla le ngendlela uRobert Mugabe aphethe ngayo, kodwa futhi bona babuye bamvotele futhi uma kufika ukhetho. Nakhu manje ngiyibona yenzeka kuleli lengabadi.

Izinkundla zokuxhumana ke zona sezikwenze kwalula kakhulu ukukhalaza ngoHulumeni. Angazi noma kuke kwenzeke yini uyofunda ukuphawula kwabafundi uma kwenzeka kunodaba olukhuluma ngoHulumeni, iningi lemibono esuke ingaphansi kwalolodaba isuke igxeka noma igxibha noma yini eshiwo ngohHulumeni. Noma ngabe kulolodaba uHulumeni usuke enze kahle kanjani, kodwa umphakathi uyicinga uze uyithole into embi ozoyisho engeyinhle. Isibonelo nje, udaba lungakhuluma ngokwakhiwa kweSibhedlela esikhulu kwaMashu esizokwelapha umphakathi mahhala, kodwa imibono yabafundi ayincomi leso senzo esihle kodwa bakhala ngenani lemali esetshenzisiwe babuye babuze ukuthi engabe malini eyehle ngomlenze kuleyo mali.

Kubukeka engathi kumbalwa kakhulu okuhle abantu bakuleli abangakusho ngohulumeni wethu, kodwa uma kufika ukhetho bayakhohlwa yikho konke lokho baphinde bawubuyisele futhi. Ngabe abantu bakuleli balandela lesi sisho sabelungu esithi,”Better the Devil you know”?

Ngabe ngempela kukhona ukwesaba kokuthi kungenzeka sibe nezinkinga ezinkulu kunalezi esinazo uma singashintsha uHulumeni? Ngabe ngempela abantu bakuleli sebekulungele na ukuba nohulumeni omusha sha emva kweminyaka engamashumi amathathu? Ngabe Abantu bakuleli bakhathele ngempela yilohulumeni noma basuke beziqhubela usuku nje uma bekhononda?

Akwaziwa mbhantsi kujiya! Izimpendulo zizocaca kahle ngonyaka ozayo okhethweni.

Kusho mina ngisho ngeDATA lami!!

NguMsuthu uGinimbi wakwaZungu

Recent Posts

  • UHLABISA GXEKE UKUGXAMBUKELA KWEPOLITIKI KOHULUMENI BASEKHAYA
  • UKUPHUZA UTSHWALA KUNCIPHISA UGQOZI LOKWENZA UCANSI EMADODENI- UCWANINGO
  • ULIBOFUZO LUHLULEKILE UKUHLANGANISA ABAMANGALELWA NENDAWO YESIGAMEKO ECALENI LIKASENZO
  • KUNCONYWA OWESIFAZANE OQHAMUKE NENDLELA ENTSHA YOKUGUQULA INDLE IBE WUMQUBA
  • USHAQEKILE UMPHAKATHI WASEROSBOM KUNTSHONTSHWA UMTWANA(1) ENDLINI KUBO

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme