Ubelokhu ebabaze njalo ungqongqoshe wezokuthuthukisawa komphakathi kuleli uNkosikazi Lindiwe Zulu ethulelwa umbiko ngenani labantwana besikole abakhulelwe kulonyaka ka 2023 kuphela.
Lombiko oshaqisayo wethulwe ngoLwesine ephalamende phambi kwekomidi labesimame bezinhlangano ezehlukene zepolitiki. Kulombiko kuvela izibalo ezishaqisayo zenani kanye neminyaka yabantwana abakhulelwe kulonyaka. Sebebonke babalelwa ku 90 000 abantwana abasafunda isikole abakhulelwe kulonyaka ka 2023 nje kuphela. Abangu 88 122 baphakathi kweminyaka engu 15 kuya kwengu 19, kanti abangu 2 328 baneminyaka esukela kwelishumi kuya kweyishumi nane.
UZulu uthe kuyamethusa ukubona lezi zibalo futhi kukhombisa ukuthi kukhona okonakele okufanele kulungiswe, “Thina singumnyango wokuthuthukiswa komphakathi sinazo izinhlelo zokulwa nalesi sihlava, kodwa kubukeka nengathi sizodinga ukwelekelelwa ngoba lezi zibalo ziyanda. Mhlawumbe singabantu besifazane kuzomele sibeke eceleni ukwehlukana kwethu ngokwamaqembu kodwa sibambisane ekulweni nalesi sihlava.” kusho uZulu phambi kwalelikomidi.
Amanye amalungu aleli komidi aphakamise ukuthi kwenziwe uphenyo kutholakale ukuthi ngabe lamantombazanyana akhuleliswa ngontanga yawo yini, uma kungenjalo kumele baboshwe abenzi bobubi.