Ezinyangeni ezendlule iphaphandamba lakho UThukela News luke lakubikela ngesidumbu essatholakala sishisiwe eBergville, Akukapheli sikhathi sekuphinde kwatholakala isdumbu sowesili ongaziwa endaweni yakwaNkosane eDukuza izolo ekuseni khona belu eBergville. Ikhansela Lendawo uMnumzane Qaphela Mchunu…
LIZOWUDLELA ENDLINI ENTSHA SHA UKHISIMUZI IKHEHLA LASEGUDLINTABA
Kungenzeka iwudlele endlini yayo entsha sha ukhisimuzi insizwa esikhulile yesendaweni yaseGudlintaba eMnambithi. Ngonyaka owedlula uNobhala we-African National Congress(ANC) kwiSifunda iJosiah Gumede uMnumzane Bonga Hlomuka, wahambele indawo yaseGudlintaba ngaseMbuzweni lapho kwakunomhlangano weqembu le-ANC….
ISUNDOWNS IVULE IGEBE ESICONGWENI SELIGI
IMamelodi Sundowns ivule igebe lemidlalo engu-10 ingehlulwa kwiDStv Premiership ngemuva kokuhlula AmaZulu FC ngo 1-0 eKing Zwelithini Stadium ngoLwesithathu ebusuku. Igoli likaLucas Ribeiro Costa belanele ukunikeza ompetha amaphuzu aphelele. ISundowns ihlezi esicongweni…
UTHI UBETHUKUTHELE KAKHULU OWESIFAZANE OBHAXABULE UMSHAYELI WETEKISI
Owesifazane waseThekwini obonakale eshaya umshayeli wetekisi eMhlanga ngemuva kwengozi yemoto, uthi ingqondo yakhe ibigubuzelwe yimicabango kanina ocishe wafa abenaye emotweni ngesikhathi sesigameko. Ividiyo emfushane yomshayeli wesifazane, uThuso Khumalo, isabalale ngesikhathi ithwetshulwa eshaya…
SEKUKHISHWE UMEHLO KABONI KWELOKUBULAWA KUKASOTSWEBHU WASE MNGENI
Kuyaqhubeka ukubulawa kwamakhansela KwaZulu-Natal , kamuva kuhlaselwe kwabulawa uSotswebhu womkhandlu uMngeni uCllr Nhlalayenza Ndlovu. UMnu Ndlovu oyikhansela ngaphansi kwenhlangano iDA kuloyamkhandlu kubikwa ukuthi uhlaselwe wadutshulwa ekhaya kwakhe empophomeni phambi komndeni wakhe. Umholi…
UPHENYO NGOKUDATSHULWA KWESITHOMBE SEMEYA
Umkhandlu uThukela usunqume ukusungula uphenyo mayena nokudatshulwa kwesithombe semeya yalomkhandlu. Uma ungena edolobheni laseMnambithi ukhangwa yisithombe esikhulu esinobuso buka Meya woMkhandlu uThukela iNkosi Ntandoyenkosi Shabalala. Lesi sithombe siwuphawu lokwamukela bonke abantu abavakashela…
BAZOGIXABEZWA NGE KFC ABAZOBHALISELA UKUVOTA
Inhlangano ebhekelele ukuthuthikiswa komphakathi eyaziwa ngokuthi yiGround Work Collective(GWC) inikezela ngeVoucher yeKFC kwababhalisela ukuvota. Lenhlangano eyasungulwa yilowo owayeyilungu lenhlangano iDemocratic Alliance uMbali Ntuli, iphume umkhankaso wokugqugquzela abantu abasha ukuthi babhalisele ukuvota ngohlelo…
UMBIKO UVEZA UKUTHI AMANZI AKULELI AWEKHO EZINGENI LOKUPHUZWA
UMnyango wezaManzi nokuThuthwa kweNdle kuleli ukhiphe umbiko wakamuva owaziwa nge ‘Blue and No Drop’ ngoLwesibili. Lomibiko owokuhlola izinga lamanzi asetshsenziswa nsuku zonke kuleli kanye nesimo sezinhlelo zamanzi zezwe. Ngokombiko we-Blue Drop, zingamashumi…
KUZOLAHLEKA IMISEBENZI EBALELWA KU 3500 KUVALWA IMBONI YENSIMBI ENEWCASTLE
I-ArcelorMittal yimboni yensimbi enamagatsha emazweni alishumi nesishiyagalolunye emhlabeni jikelele ibalwa njengenkulukazi emazwenikazi afana ne Melika, Europe Kanye ne Afrika. Lenkampani isanda kumemezela izindaba ezingemnandi zokuvala ukusebenza kwayo emagatsheni ayo amabili kuleli okungelise…
UMASPALA WASENQUTHU UCELA UMNIKELO WOGANDAGANDA
Umaspala waseNquthu uhlela ukuyokwenza imnikelo ezosiza izakhamuzi ezakhele umaspala waseNquthu ngezolimo njengoba iNquthu inezindawo eziningi zasemakhaya nje abantu bakhona baziphilisa ngokufuya nangokulima ukuze baxoshe ikati eziko. Imeya yomaspala waseNquthu ukhansela Lindokuhle Shabalala…
BABUZE UKUTHI UBANI OWATHI ABAZALWANE BAYABHORA KOWOKHOLO EMNAMBITHI
Bebephume ngobuningi babo abathandi bomculo wokholo kanye nabazalwane e-Indoor Sports Center eMmnambithi izolo nalapho bekubanjelwe khona Indumezulu Gospel Music Show. Indumezulu Gospel Music Show okungeyokuqala kulonyaka ibihlelwe yinkampani iLet’s go productions. Kulomcimbi…
SEKUSHONE ABAFUNDI ABATHATHU ENYUKHASELA BEPHUMA EMCIMBINI
Sekudlule emhlabeni abafundi abathathu engozini yemoto eNewcastle esifundazweni saKwaZulu-natali bephuma emcimbini wokubungaza ukuqeda ukubhala. Umnyango wezemfundo kulesi sifundazwe usukuqinisekisile ukuthi kushone abafundi abathathu abafunda eMnyamande High School Enyukhasela. Ngokusho kwalowo okhulumela lomnyango…