Inhlangano ebhekelele ukuthuthikiswa komphakathi eyaziwa ngokuthi yiGround Work Collective(GWC) inikezela ngeVoucher yeKFC kwababhalisela ukuvota.
Lenhlangano eyasungulwa yilowo owayeyilungu lenhlangano iDemocratic Alliance uMbali Ntuli, iphume umkhankaso wokugqugquzela abantu abasha ukuthi babhalisele ukuvota ngohlelo lwa-online. Ngokusho kwakhe uMbali Ntuli ekhuluma ohlelweni lwezindaba kumabonakude iNewsroom Africa bangaphezu kuka 14 million abantu abasha abaphakathi kweminyaka engu 18 nengu 35 abangabhalisele ukuvota, yingakho ke benqume ukuthi basebenzise inyama yenkukhu ethosiwe ukubakhuthaza.
UNtuli uthi uma ungumuntu omusha ungena kwiWebsite yakwa IEC uzobhalisela ukuvota, uzophiwa iVoucher yaseKFC yenani lika R40. LeVoucher ungayisebenzisa noma yikuphi la kunesitolo sikaKFC khona kuleli. Uma uqeda ukufaka iminingwane yakho uzobe usucelwa ukuthi uScanner ikhodi ye QR bese uzihlumulela ke ngalevoucher.
iGWC ithi lokhu ikwenzela ukuthi ikhuthaze abantu abasha ukuthi bavote futhi bakwazi ukuba yinxenye yabantu bakuleli abakhetha uhulumeni khona bezoba nelungelo lokuwusola uma wenza amaphutha. Lenhlangano ayigcini nje ngokukhuthaza intsha ukuthi ivote, iphinde ihlele amakhonsathi ezindaweni ezehlukene kuleli ifundisa ngokubaluleka kokuvota.