Ezinyangeni ezendlule iphaphandamba lakho UThukela News luke lakubikela ngesidumbu essatholakala sishisiwe eBergville, Akukapheli sikhathi sekuphinde kwatholakala isdumbu sowesili ongaziwa endaweni yakwaNkosane eDukuza izolo ekuseni khona belu eBergville.
Ikhansela Lendawo uMnumzane Qaphela Mchunu ukuqinisekisile lokhu njengoba ethi uthole uncingo ebelumazisa ngalomshophi wabe esenikela khona.
uMchunu uthi isidumbu somuntu wesilisa oseqinile sitholakele entabeni ngasemanxiweni akwaMadlala, ube esebalula ukuthi bathe uma benza uphenyo bathola ukuthi lesi sidumbu akusisona esomuntu wakulendawo. Ikhansela liqhube lathi basola ukuthi wabulawelwa kwenye indawo wabe esethathwa wayobekwa laphaya entabeni.
uMacingwane ube esecela umphakathi ukuthi uqikelele kakhulu ukuphephe kulama holidi, wabafisela amaholidi amahle.