IMamelodi Sundowns ivule igebe lemidlalo engu-10 ingehlulwa kwiDStv Premiership ngemuva kokuhlula AmaZulu FC ngo 1-0 eKing Zwelithini Stadium ngoLwesithathu ebusuku.
Igoli likaLucas Ribeiro Costa belanele ukunikeza ompetha amaphuzu aphelele. ISundowns ihlezi esicongweni ngamaphuzu angu-30 ngemuva kwemidlalo eyishumi.
Khonamanjalo, Usuthu lusendaweni ka-12 ngamaphuzu angu-15 ngemuva kwemidlalo engu-12.
Womabili la maqembu eze emdlalweni weligi ehlulwe ngempelasonto edlule. AMasandawana ahlulwe yiTP Mazembe koweCAF Champions League kwathi iqembu laseKZN lahlulwa yiTS Galaxy kuCarling Knockout Cup.
Njengoba abaningi bebelindele, amaBrazilians abe namandla esiwombeni sokuqala somdlalo, elawula ukuphatha ibhola. Usuthu belumatasatasa emuva njengoba izivakashi bezilokhu zingena zingenile ebhokisini lawo.
Ngomzuzu ka-12, uThemba Zwane uphasele uMarcelo Allende ibhola elihle, wadedela ishodi kodwa lashayisa komunye umdlali waMaZulu laphumela ngaphandle.
Khonamanjalo, iqembu lasekhaya libe nemizamo embalwa yokuya phambili kodwa lihlale bekunzima ukweqa umugqa ophakathi nendawo.
Ngomzuzu ka-19 iSundowns ithole iphenathi ngemuva kokugwetshwa kukaMbongeni Gumede oqumbe phansi uThemba Zwane ebhokisini. URebeiro Costa ongowokudabuka eBrazil wayithatha iphenathi wayivalela phakathi.
Umdlalo ubushubile njengoba amabhentshi womabili ejikijelana ngamazwi kulandela ukubonakala kwezigameko ezingagculisi zokuziphatha enkundleni. Nokho, ngemva kwesikhashana, izikhulu zakwazi ukudambisa isimo.
Unozinti waMaZulu, u-Olwethu Mzimela, oqale umdlalo wakhe wokuqala Usuthu ludlala esigabeni esiphezulu, kudingeke ukuthi akhombise ukuthi umqeqeshi umfakeleni ngesikhathi uPeter Shalulile ededela intululwane yeshodi engaphandle kwebhokisi. Lo mdlali odabuka eNamibia uthole ibhola kuZwane wadedela ishodi elinamandla ngemuva kokujikajika elibukhali. Umzamo wakhe uphebezwe nguye lononozinti woSuthu osemncane.
Ngasekupheleni kwesiwombe sokuqala uSuthu ludlale ibhola eligculisayo futhi lwafaka ingcindezi kuBafana Ba Style njengoba bebefuna igoli lokulinganisa.
UTshepang Moremi ube nethuba lokubhekana ngqo noRonwen Williams kodwa wehluleka ukufaka elokulinganisa. Lo kaputeni weBafana Bafana usheshe wafika ebholeni kuqala wasusa ibhola endaweni eyingozi.
Ngomzuzu ka-64, uMzimela wenze enye into emangazayo, evimba ishodi likaMkhulise endaweni ebalelwa kumayadi angu-25.
Emizuzwini emine ngaphambi kokuphela komdlalo, uShalulile uthole ithuba elicacile lokusonga umdlalo ngesikhathi ethola igoli likaLesiba Nku. Ompetha baphinde baqoqa amaphuzu amathathu ukuze bahlale esicongweni ku-log.