Umaspala waseNquthu uhlela ukuyokwenza imnikelo ezosiza izakhamuzi ezakhele umaspala waseNquthu ngezolimo njengoba iNquthu inezindawo eziningi zasemakhaya nje abantu bakhona baziphilisa ngokufuya nangokulima ukuze baxoshe ikati eziko.
Imeya yomaspala waseNquthu ukhansela Lindokuhle Shabalala unesifiso sokuthi ngonyaka ozayo umaspala ube nogandaganda noma abahlanu nje abasha abazokwazi ukulimela umphakathi mahhala. uMshengu uveza ukuthi ngeke bakwazi kahle ukuzithengela ngaphandle kokusizwa ngoba umaspala wakhe awunayo kahle imali kodwa bacela oMsabariya abalungileyo abangabalekelela kuleli phupho labo lwezolimo.
Imeya ithi sebekhona bona ogandaganda abababonile kodwa kuzodingeka imali impela yingakho kuzofanele babhukule bayophaphatha ukuze kuzosizakala umphakathi awuholayo.
“akumele ngasosonke isikhathi sibheke kakhulu kuhulumeni, kufanele nathi kesiyocela kwabanye abantu ukuze kusizakala izakhamuzi zethu. Omaspala banesebelo mali esincane kanti banezidingo eziningi, ngakho uma kukhona abantu abangakwazi ukusilekelela kufanele siyokhala nakubona ” kusho u Shabalala.
Imeya icele usizo lokuthengelwa oGandaganda kubobonke osomabhizinisi abangakwazi ukubasiza ukuba baxhumane nomaspala wakhe ngoba ethi simunye sonqoba.