Ukhathazekile umndeni womfundi wesikole samabanga aphansi iMasumpa Primary School eBergville njengoba uthi umtwana wawo akasafuni nakuyizwa eyokuya esikoleni ngemuva kwesigameko esamehlakalela ekupheleni kukaMfumfu (October). UMkhulu walomtwana(esiligodlile igama lakhe ngenxa yeminyaka yakhe) owenza…
ASEZOBHALWA KUMA LAP TOP AMACALA EZINKANTOLO ZAMAKHOSI
Kube usuku oluyingqophamlando kwisikhungo sobuholi bomdabu esifundazweni sakwaZulu Natal njengoba UNgqongqoshe womnyango wezokubusa ngokubambisana nezindaba zomdabu umhlonishwa uBongiwe Sithole-Moloi edlulisele amaLaptop kanye namakhadi eDatha e-3G koNobhala beMikhandlu yamakhosi, emcimbini obusingathwe ngaphansi komasipala…
LIME NSE UKUSEBENZA IDOLOBHA LASENQUTHU OSOMABHIZINISI BEBUNGAZA IMINYAKA ENGU-40 BASHADA
Osomabhizinisi baseNquthu uMnumzane M. Buthelezi noNkosikazi Z. Buthelezi owaziwa kakhulu ngelika Omeida, bavuselele izifungo zomshado njengoba bebegubha iminyaka engamashumi amane (40) bashada. Lendumezulu yomcimbi ibisehholo likanokusho elaziwa nge Omeida Wedding and Conference…
BAZOBANGA ISITEKI SIKA R10 000 O-DJ BASEMNAMBITHI
Umnyango wezamaciko ngaphansi kwesifunda uThukela usubeke isamba sika R10 000 emncintiswaneni okulindeleke ukuthi ube kulo leliviki. Lomcontiswano ofaka oDJ kanye nabaculi abehlukahlukene uzoba ngoLweSine Mhla ka 30 kuLwezi edolobheni laseMnambithi phambi kwaseMnyuziyemu…
IKWAZULULU-NATAL ISAHAMBA PHAMBILI NGABASULELEKA NGEGCIWANE LENGCULAZI
Ucwaningo olwenziwe abeHuman Science Research Council luveza ukuthi isifundazwe iKwazulu Natal ihamba phambili ngenani labantu abaphila nesandulela nculazi kuleli. iHRSC ikhiphe lezi zindaba ngoMsombuluko kumbiko wayo wocwaningo lweminyaka eyisithupha eyedlule. Lenhlangano ibuye…
ZIYAQALA UKUKHISHWA NGOZIBANDELA IZINOMBOLO EZINTSHA ZASE KZN
Zizoqala ngomhla ka 1 kuZibandlela kulonyaka ukubonakala izinombolo ezintsha zezimoto zasesifundazweni saKwaZulu – Natal. Umnyango wezokuthutha kulesi sifundazwe umemezele lezi zindaba ngenyanga eyedlule. Ekhuluma nabezindaba okhulumela lomnyango uMnumzane Siyabonga Ncalane uthe lokhu…
UVALWE THANQA NGAMATSHE UMGWAQO ONGENELA ENDAWENI YASE UITVAL
Uthukuthele wavala umgwaqo ngamatshe umphakathi wasendaweni yase-UiTval ngaseKuvukeni ngaphansi kukaMaspala i-Alfred Duma. Lomphakathi ukhala ngokuzitshwa umaspala uThukela ngodaba lwamanzi. “Sekuphele izinyanga singenamanzi, kanti yini esasiyivotela uma kunje? Okucasula kakhulu ukuthi akekho osichazelayo…
UBATHE FAHLA NGE BLACK FRIDAY U MEYA ENQUTHU
Izaguga zaseNquthu zibe nemini enhle kuleliso njengoba umeya kamaspala waseNquthu ukhansela Innocent Lindokuhle Shabalala ebenohlelo lokuhambela amawadi ahlukene. Inhloso bekunguyothula imigwaqo eyahlukene, kubalwa ugwaqo obowuyinkinga waseGubazi. Umeya ube esamukelisa izipho kwizaguga zaseNquthu…
BAGQUGQUZELA UKUPHEPHA EMIGWAQENI E-ALFRED DUMA.
Abaholi bomaspala iAlfred Duma okubalwa uMeya ukhansela Zama Sibisi iphini lakhe ukhansela Sizwe Simelane namakhansela kabaspala kanjalo nezinhlaka zikahulumeni okungamaphoyisa omgwaqo kamaspala namaphoyisa iSAPS izolo babe nesivimba mgwaqo ku N11 ngase Animal…
BADLALA UTIK TOK BEBE BESHAYELA ABAMATEKISI
Bakhathezekile abagibeli bamatekisi asuka eMnambithi eya egoli. Labagibeli bathi indlela abashayeli abaziphatha ngayo abayithandi balitshwalwa u TikTok, noYoutube benze nama video beshayela Benjalo bayagijima. Njengoba kuza amaholidi okuphela konyaka bathi bayacela ukuthi…
INESASA EYEFESTIVAL YAMACIKO ASOTHUKELA EMNAMBITHI
Intaka ibekelwe amazolo kuloMgqibelo esiya kuwo kumaciko azinze esifundeni uThukela njengoba ezobe ekhombisa amakhono awo ehlukahlukene kwidili lamaciko elizobe libanjelwe khona ehholo ledolobha eMnambithi. Inhlangano emele amaciko kuleli i-Cultural and Creative Industries…
UGENCE WABULALA ABANTU UMAMA WEZINGANE ZAKHE ENQABA UKUMBONA
Owesilisa waseJozini kwaZulu-Natal kubikwa ukuthi ugence wabulala owesifazane oneminyaka engu 91 ubudala kanye nengane encane ngoLwesithathu ebusuku ngemuva kokuba ecele ukubonana nowesifazane ongumama wezingane zakhe wanqaba. Unina wezingane elandisa uthi lona wesilisa…